Kusocongwe osomatekisi ababili eduze nesiteshini samaphoyisa

Lubhalwe nguMenzi Magubane

Kubulawe osomatekisi  ababili, oyedwa  walimala  ngesikhathi  abantu abangaziwa   befike bevulela ngenhlamvu kubona ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eNanda, eThekwini ngoMsombuluko.

Lesi sigameko senzeke lingakapheli ngisho isonto uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnu Bheki Cele ekhiphe izibalo zobugebengu, eziveze ukuthi iNanda iyona ndawo ehamba phambili ngokubulawa kwabantu.

Phakathi kukaNtulikazi  noMandulo, amacala okubulala nokudlwengula avulwe kakhulu esiteshini samaphoyisa eNanda, izibalo zikhomba ukuthi angu-99 awokubulala kanti angu-78 awokudlwengula.

Kuvela ukuthi abagilwa abathathu bebe sesitobhini  sebhasi esiyibanga elingaphansi kwamamitha angu-100 ukuya esiteshini samaphoyisa ngesikhathi bedutshulwa amadoda angaziwa.

Ababili bashonele endaweni yesigameko, owesithathu uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi lezi zisulu zilawula ukulayisha kwamatekisi kanti futhi zingosomatekisi abaziwayo kwinhlangano yamatekekisi yaseNdwedwe. 

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal u-Constable Thenjiswa Ngcobo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi icala lokubulala nelokuzama ukubulala livuliwe esiteshini samaphoyisa eNanda futhi kusazokwenziwa uphenyo.

U-Constable uNgcobo uthe ayikaziwa imbangela yokuhlasela.

Nakuba uNgcobo ethi imbangela yokuhlasela ayaziwa Kodwa ukubulawa kosomatekisi kulendawo kudlangile. Lo soseshini umbandakanyeka emacaleni amaningi okubulala enzeke eminyakeni edlule.

Esithombeni esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseNanda

Umthombo wesithombe: sithunyelwe 

Izihloko zakamuva