Kusocongwe inkosi eseka uMkhize kwesikamengameli

Celani Sikhakhane

Umlandeli wokuqina wobenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize ubulawe  esendleleni ebheke ekhaya ngoLwesithathu ntambama KwaZulu-Natal.

Inkosi uDanny Mathenjwa, obengumholi wendabuko oqavile eNgwavuma, udutshulwe amahlandla angu-16 ehamba nowakwakhe bedlula eNyathini, ngasemngceleni weKZN ne-Mozambique.

Umkakhe ulimale kabi kulesi sigameko kanti usesimweni esibucayi esibhedlela.

Ngaphambi kokushona kwakhe uMathenjwa uchithe amasonto  ekhankasela ukuthi uMkhize aqokwe njengoMengameli we-ANC engqungqutheleni ezoba ngoZibandlela.

Ubephakathi kweqembu labaholi bendabuko eKZN abaphakamise ukuthi uMkhize amukele ukuqokwa kwesobuMengameli emshadweni wendodana yakhe, uDedanimabhunu Mkhize. Umshado kaDedanimabhunu ubungempelasonto e-Willowfontein, ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMathenjwa uhlele umhlangano phakathi kwaMakhosi noMkhize ngoMbasa, obuhanjelwe nguNgqongqoshe uLindiwe Sisulu eNgwavuma.

Umthombo uphinde wathi uMathenjwa ubesondelene noMkhize ngoba nango-2017 ngaphambi kwengqungquthela ka-54 yokukhetha ubuholi be-ANC e-Nasrec, indodakazi yakhe yayisiqalile ukusebenza emkhankasweni kaMkhize.

Indodakazi kaMathenjwa, uSphethile, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyise udutshulwe kaningi kubalwa nasekhanda.

“Ubehamba nomama besendleleni ebheke ekhaya ngesikhathi imoto yabo ihlaselwa ngabantu abangaziwa. Ubaba ushonele endaweni yesigameko kanti umama usesibhedlela,” kusho uSphethile.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Nqobile Gwala, uthe imininingwane yophenyo izocacisa ukuthi ukubulawa bekuhleliwe yini noma cha.

“Kuze kube yimanje sisola ukuthi lokhu kubulala bekuhleliwe njengoba kungathathwanga lutho kulaba ababili,” kusho uGwala.

UGwala uthe amaphoyisa abikelwe ukuthi owesilisa (69) kanye nonkosikazi wakhe bebesemotweni yabo ngesikhathi bedutshulwa ngabantu abangaziwa.

“Owesilisa uthole amanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda, nangakwesingenhla somzimba kanti kuqinisekiswe ukuthi ushonile endaweni yesigameko. Owesifazane (70), udutshulwe engalweni waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala ukuze kuphenywe,” kusho uGwala.

I-Scrolla.Africa sithinte uMkhize ukuze aphawule kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Izihloko zakamuva