Kusocongwe amakhansela amabili e-ANC

Dylan Bettencourt

Kubulawe ngesihluku amakhansela amabili e-ANC e-Eastern Cape. 

Lesi sigameko senzeke ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngeSonto e-Kariega e-Nelson Mandela Bay lapho okushone khona ikhansela lakuwadi-43 u-Andile Andries  nebamba likaNobhala wegatsha uLubabalo Keso.

Amaphoyisa endawo e-Kariega aphume umkhankaso wokuthungatha ababulali neqembu elibusayo e-Eastern Cape engeza ngokuthi asebenzisana nabomthetho ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.

Ayikakaziwa imbangela yokubulawa kwamaphoyisa nesibalo sabasolwa yize imibiko ithi abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emakhanseleni etekisini ebidlula.

UNobhala we-ANC esifundeni i-Mandela Bay uLuyolo Nqakula uthe iqembu lihlukumezekile ngalesi sigameko.

“Izizathu zobugebengu obunyantisayo azikaziwa okwamanje. Sicela izinhlaka zomthetho ziphenye ngokushesha ukuze kuboshwe abasolwa,” kusho uNobhala. 

Okhulumela amaphoyisa aseNingizimu Afrika (e-SAPS) uBrigadier Tembinkosi Kinana udalule imininingwane ngesigameko esenzeke emini kwabha ngeSonto.

“Kusolakala ukuthi ngesikhathi amakhansela esondela emotweni yawo kuqhamuke ikhumbi yohlobo lwe-Quantum ibheke kubo yabe isidubula inqwaba kwakhona abashona endaweni yesigameko,” kuchaza uKinana. 

Imibiko iveza ukuthi kungenzeka ukuthi lesi sigameko sihlobene nodlame lwamatekisi njengoba u-Andries ebeyiPhini likaNobhala Jikelele we-Uncedo Taxi Association ezweni lonke futhi enguSihlalo we-South African National Taxi Council (i-Santaco) e-Nelson Mandela Bay.

USihlalo we-Santaco e-Eastern Cape uZola uMbhishobhi Yolelo akakuqinisekisanga ukuthi ukubulawa kwalaba kuhlobene nemboni yamatekisi.

“Sisazama ukuqoqa imininingwane ngalesi sigameko asinaso isiqiniseko sokuthi sihlobene namatekisi noma sihlobene ne-ANC. Sizokwazi ukuphawula kabanzi uma sesithole imininingwane ephelele,” kusho uYolelo. 

UNdunankulu wase-Eastern Cape ophinde abe nguMgqugquzeli we-ANC esifundazweni u-Oscar Mabuyane uthi lesi sigameko ngesokubulala.

“Kuwukubulala okusobala futhi bekuyisigameko esihlelwe kahle ngenxa yezinhloso ezimbi,” kusho uMabuyane.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva