Lubhalwe nguSihle Mavuso
Izimpi zamatekisi eziqhubekayo eMnambithi, enyakatho yeKwaZulu-Natal, zidlule nemiphefumulo yabantu ababili kwathi ababili balimala ngoMsombuluko.
Oshayasibhamu kuthiwa bavulele ngenhlamvu etekisini ngase-St Chads, kwashona abashayeli ababili khona lapho kwalimala ababili. Umshayeli oyedwa uphume engenamyocu.
Imithombo ithi abashayeli bebesebenza emzileni waseMnambithi oya eGoli, okudale ukungezwani emindenini enamandla embonini yamatekisi.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseZakheni aphenya amacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.
“Abesilisa ababili kuthiwa bashonele endaweni yesigameko. Abashonile baneminyaka engu-37 no-49 ubudala.”
Lokhu kuhlaselwa kukholakala ukuthi kuhlobene nezimpi zamatekisi eziqhubekayo ku-Klipriver Taxi Association osekudlule nemiphefumulo eminingi, okubalwa nokaSihlalo kasoseshini uMnuz Bhekuyise Masondo nonogada bakhe ngoMandulo nyakenye.
Esithombe ngenhla: E-Ladysmith.
Umthombo: Sihle Mavuso