Kusize ikhansela umfundi ecishe ezibulala kubangwa ukuba intombi nto

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kushube isimo umfundi ka-Grade 11 ezama ukuzibulala ngoba esolwa uzakwabo abafunda naye ngokuthi akaselona itshitshi kodwa ugwazela umama ohlolayo ukuze kuhlale kuthiwe useyintombi nto.

Lokhu kugqame ngesikhathi lo mfundi okungu-Elihle Madondo wase-Sweetwaters foundation eMqokothi High School eqopha ividiyo ebalisa ngokuthi usebaphoxe kakhulu abazali bakhe ngakho akaboni ukuthi sisekhona yini isidingo sokuba aphile.

“Okokuqala nje awuthi ngicacise. Kunenye intombazane esifunda nayo esikoleni. Ihambe ikhuluma ngami kabi ingisukela ithi angiseyona intombi nto. Waze wathi mina kunalokho ngigwazela umama osihlolayo ukuze aqhubeke athi mina ngiseyitshitshi. Nami ngokucasuka ngiziphindisele ngasho ukuthi akangiyeke ngoba unengane ayifihlayo okufanele engabe uyayikhulisa kodwa uhambe eqambela mina amanga,,” kusho u-Elihle.

Ubesethi uyoziphonsa ebhulohweni ukuze kuphele ngempilo yakhe ngoba nabantu sebelwa naye.

UMnuz Nduduzo Zuma oyikhansela le ndawo ulusukumele ngokushesha nokusize ekutheni umfundi u-Elihle angazibulali njengoba ebeselibhekise ebhulohweni abeyoziphonsa kulo.

“Sikwazile ukuxhumana naye saxoxisana nanomndeni wakhe. Esingakusho nje ukuthi ungumqemane. Sibuye sahlangana nozakwabo abebexabene naye nesifike sathola ukuthi kwayena uyaludinga usizo lokwelulekwa ngoba akakwamukeli ukuthi usenengane . Mina ukuya laphaya bengiye njengokhansela nanjengoSihlalo weMzansi Youth Development exhaswe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukusiza intsha,,” kusho uZuma.
Uveze ukuthi bazoya esikoleni ngoMsombuluko bayokwenza uhlelo lokuthi laba bafundi bamukelwe ngendlela efanele hhayi ukuthi bahlukumezeke.

Izihloko zakamuva