Kusinda kwehlela kwi-ANC ezinkethweni

Zukile Majova

I-ANC iqhubekile nokugoba uphondo okhethweni lokuchibiyela lwakamuva ezweni lonke.

Kulindeleke okufanayo nangoLwesithathu uma iqembu elibusayo lingenela ukhetho lokuchibiyela ezigcemeni ezine zoMasipala e-Eastern Cape, e-Mpumalanga nase-Western Cape.

Kuleli sonto u-75% wamawadi abevuleke izikhala abephethwe i-ANC phambilini kanti labo abafungiswe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule bashonile.

Isikhathi esiningi imiphumela yalolu khetho lokuchibiyela ifakazela inkolelo yokuthi ukhetho lukazwelonke lwango-2024 luzoba olubaluleke kakhulu kusukela kwenzeka isimangaliso sika-1994.

Abavoti kuzo zonke izigceme balangazelela izinsiza zikaMasipala ezingcono izindlu zomxhaso, ukuhlinzekwa kukagesi namanzi.

Bangaphezu kwezigidi ezimbili abantu abalahlekelwe imisebenzi kule minyaka emibili edlule kanti ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha sekufinyelele ku-60%.

Akuyihambeli kahle i-ANC okhethweni lokuchibiyela lwakamuva.

Futhi manje sekunobufakazi obucacile bokuthi i-ANC ilahlekelwa amavoti kanye nokumela umphakathi.

Okhethweni lwangoLwesithathu amalungu angu-18 avela emaqenjini angu-11 azongenela ukhetho lokuchibiyela.

E-Eastern Cape kuzobe kubangwa iwadi ebiphethwe i-ANC kuMasipala iKing Sabata Dalindyebo e-Mthatha ngemuva kokuthi ivuleke ngenxa yokushona kwekhansela.

Enye iwadi ye-ANC kuMasipala i-Nelson Mandela Bay ese-Gqeberha) nayo isivuliwe kulandela ukushona kwekhansela.

I-ANC, i-DA, i-EFF kanye ne-UDM baphume ngobuningi babo esifundeni ngesikhathi somfelandawonye obuswa uMasipala obalulekile enkabeni ye-ANC.

Enye iwadi ye-ANC evulekile ikuMasipala i-Chief Albert Luthuli e-Mpumalanga ngemuva kokushona kwelinye ikhansela le-ANC.

Umbango wale wadi mubi kakhulu ngaphakathi kwi-ANC njengoba ikhansela le-ANC eselingasekho liwine le wadi ngo-82%.

Okhethweni lokugcina lokuchibiyela lewadi-07 kuMasipala wase-Matzikama eNtshonalanga Kapa  ikhansela le-Patriotic Alliance lasula esikhundleni.

Iqembu likaGayton Mckenzie lizobe linethemba lokukhombisa ukukhula kwalo ngemuva kokuwina iwadi ngo-26.9% ngamavoti angu-58.7% okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi nyakenye.

Izihloko zakamuva