U-Elon Musk wephule irekhodi le-Guinness world record ngokulahlekelwa imali eningi eqhuba impilo yakhe.
Ngokusho kwe-Guinness World Record (GWR) uMusk wephule irekhodi lomhlaba wonke ngokuba umuntu olahlekelwe kakhulu imali eqhuba impilo yakhe.
I-Forbes ilinganisela ukuthi uMusk cishe ulahlekelwe imali engango-$182 billion kusukela ngoLwezi ngonyaka ka-2021, nokho iphinde yaphawula ngokuthi eminye imithombo iveze ukuthi lesi sibalo sisondele ku-$ 200 billion.
UMusk akayena usozimali wokuqala ukulahlekelwa ingcebo enkulu ayisebenzele kanzima. UMasayoshi Son ongumsunguli we-Softbank ophinde abe isikhulu esiphezulu, nguyena obephethe irekhodi laphambilini lokulahlekelwa imali engu-$ 58.6 billion.
Ngokusho kwe-Bloomberg, inani likaMusk lehle lisuka ku- $320 billion ngoLwezi ngo-2021 laya ku-$137 billion kuMasingana kulo nyaka.
Ukwehla kube ngenxa yamasheya e-Tesla abhekelela iningi lomcebo kaMusk, ehla ngonyaka owedlule ngo-65%.
Ukwehla okukhulu kwakhula ngesivinini ngemuva kokuthi uMusk athenge i-Twitter ngoMfumfu walahlekelwa enye imali engu-$44 billion.
Ukuthatha kwakhe i-Twitter okumangalisayo, okuhambisana nokuziphatha kuka-Musk kulenkundla yezokuxhumana kuholele ekudayisweni okukhulu kwe-Tesla Stock selokhu inkampani yavela esidlangalaleni ngo-2010.
Ngokwezilinganiso zakamuva ze-Forbes, uMusk uno-$144.4 billion.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: U-Elon Musk
Umthombo wesithombe: Los Angeles Times