Kushubile ngombango wesihlalo sobukhosi bakwaMthethwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ushisaphansi umbango wesihlalo sobukhosi bakwaMthethwa eMpangeni, KwaZulu-Natal. Umbango uqutshulwa ukuthi kuhona abangeneme ngosefakwe esihlalweni sobukhosi balesi sizwe.

Le nkosi esifakwe esihlalweni ingene ngoba unina onguNdlunkulu wesihlanu weNkosi uNtemba owakhothama ngo-2017 wayefakwe endlini enkulu kaNdlunkulu wokuqala njengophawu lokuthi nguye owayezozala indlalifa.

Lo mbango uphakathi kwamadodana kaMnuz Mbuso wabaThethwa ongasekho nokuthiwa uyiNkosana kaNdlunkulu omdala ukaMnqayi akhala ngokuthi uyise omncane okuyiNkosi uMduduzi kaNtemba Mthethwa ozalwa unkosikazi wesihlanu okungumaCele akufanele angene esihlalweni ngoba unina wayefakiwe nje endlini enkulu kodwa hhayi ngoba ayezozala indlalifa.

Kumanje umbango kuthiwa usufakwe enkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu.

Abomndeni bacele ukukhuluma ne-1 KZNTV kuphela ngoba bethi abafuni ukuxoxa nezinye iziteshi noma amaphephandaba.

UMfundisi James Mthethwa okhulumela umndeni uthe uNdlunkulu umaCele ozala Inkosi esiqokwe uhlangothi oluthile emndenini, wayevele kufanele kubenguye izalankosi ngoba kwathi uma egana wafakwa endlini enkulu kaNdlunkulu omdala ukaMnqayi.

“Undlunkulu uMaCele wayenguNkosikazi wesihlanu weNkosi uNtemba wabaThethwa okhothame ngo-2017. Washada wasewayobhaliswa eMantshini eMpangeni. Wabe esefakwa endlini kaNdlunkulu wokuqala ukaMnqayi. Lokho kwakusho ukuthi nguye ozozala indlalifa yabathethwa okuyiyo engena esihlalweni uMduduzi kaNtemba Mthethwa.

“Ngisho noma ngabe Inkosana yokaMnqayi uMbuso wabaThethwa isaphila, ibingeke isithathe isihlalo ngoba esalo unina owafakwa endlini enkulu,” kusho uMfundisi Mthethwa.

Ubukhosi bakwaMthethwa buhlonishwa kakhulu kwaZulu ngeqhaza eladlalwa Inkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa ekufukameleni Isilo uShaka neNdlovukazi uNandi ngesikhathi babehlukunyezwa Isilo uSenzangakhona.

Ngemuva kwalokho Isilo uShaka sacijwa saze sakhandelwa ibutho laso okuthiwa Izichwe. Yilo leli butho okwathi uma sekukhotheme Isilo uSenzangakhona, Inkosi uDingane yanikela ngalo kwiLembe uShaka ukuba liyomsiza aqinise ubukhosi bakwaZulu njengoba ayeseyongena esihlalweni.

Izihloko zakamuva