Kushubile kumasipala waseNelson Mandela Bay njengoba ama-ejenti ethi akekho ozosebenza bengakhokhelwe

Joseph Chirume

IMeya esanda kukhethwa eNelson Mandela Bay iqale kabi ngesonto eledlule ngemuva kokuthi osomabhizinisi abancane bendawo bephoqe ukuthi kuvalwe izakhiwo zikamasipala nezikhungo ezinakekela amakhasimende.

Imeya yesigungu esiphezulu u-Eugene Johnson ubengakaze alubeke unyawo ehhovisi lakhe elisha ngesikhathi umkhandlu wezamabhizinisi wasekhaya (i-LBC) ubhikisha endaweni kamasipala, okuphazamise ukusebenza ngokuvala zonke izakhiwo zikamasipala.

Inhlangano ibhekelela cishe-amabhizinisi ayizi-6,000 amancane, aphakathi nendawo (nama-SMME).

Amalungu e-LBC angenelisekile afuna umasipala ukhokhele usonkontileka wangaphandle izinkokhelo zakhe ezisasele. I-SKBC inkampani ebhekele ukuqalwa kwamaphrojekthi kamasipala futhi yabela amaphrojekthi angama-30% kumalungu e-LBC.

Usihlalo we-LBC uGlen Tsomo utshele i-Scroll.Africa ukuthi: “Siqale ukuvala izikhungo zosizo lwamakhasimende nezinye izakhiwo zikamasipala ngoLwesine ukuze izikhulu zisinake. Umasipala wehlulekile ukukhokhela i-ejenti yethu esebenze izinyanga ezimbalwa. I-ejenti inesibopho sokwabela amalungu ethu imisebenzi ngendlela efanele.

“Ukuqoashwa kwale-ejenti kuqede  izinsuku zenkohlakalo nokubulawa kosonkontileka ngemuva kokushiywa ngaphandle kwabanye osonkontileka ngenxa yokuthi bachemile. I-SKBC yenza okufanele futhi inobulungiswa,” kusho uTsomo.

“Bekunohlelo obekumele luqale esontweni lokuqala kuZibandlela futhi kungenzeka lumiswe uhlelo uma i-ejenti ingakhokhelwa. Ngeke sikuvumele lokhu ukuthi kwenzeke ngoba asifuni izingane zethu zilambe kula maholidi kancibijana,” usho kanje.

Babhalele umasipala amameyili amaningi benxusa ukuthi ukhokhele i-ejenti, kodwa kwangaphendulwa.

Ilungu lekomidi lemeya yezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha nezolimo, uMnumzane uMkhuseli Jack, uthe umasipala ubize umhlangano ngoLwesihlanu nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.

Ngemuva kokulalela izindaba eziphakanyiswe yibo bobabili ababambiqhaza bangaphakathi kanye nomnikezeli wezinsiza, uJack uthe sebezicubungulile izikhalo bavumelana ngendlela eya phambili.

“Isicelo semibhalo esasele sizolandelelwa futhi zonke izinkinga ezihlonziwe zizobhekwa,” esho esitatimendeni sabezindaba.

Ilungu le-LBC, elingathandanga ukudalulwa igama, litshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Nginabasebenzi abayi-13 abafuna ngamandla ukusebenza. Kuyangixaka ukuthi abaqondisi bomasipala bathola imiholo yabo yenyanga, kodwa banciphise ukukhokhelwa kwabahlinzeka ngemisebenzi”.

Izihloko zakamuva