Kushone zingane ezimbili emjahweni wezimoto

Dylan Bettencourt

Umjaho wezimoto obuseMelika , e-Texas uphenduke inhlekelele ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula imoto yaginqika, kwashona izingane ezimbili ezinye ezine zangeniswa esibhedlela.

UMichael Gonzalez uhlulekile ukulawula i-Ford Mustang yakhe phakathi nomjaho obungoMgqibelo emgwaqeni wezindiza e-Kerrville-Kerr County Airport.

Ingemuva lemoto liqale ukushibilika ngaphambi kokuthi umshayeli ahluleke ukuyilawula yabe isiqala ukuya endaweni yezibukeli. Imoto ishayise izibukeli ngaphambi kokuba ishayise inqola bese iyama.

Amaphoyisa endawo abengakawadaluli amagama abafana abancane ababili, abaneminyaka eyisithupha neyisishiyagalombili abashone ngesikhathi sesigameko.

Isitatimende samaphoyisa sengeze ngokuthi abesifazane ababili abaneminyaka engama-27 nengama-46 basesimeni esibucayi e-University Hospital, e-San Antonio kanti umshayeli wemoto usesimweni esigculisayo esibhedlela esihlukile.

Abanye abantu abadala ababili balashelwe imihuzuku endaweni yesigameko kanti bekungadingeki ukuthi baye esibhedlela, kanti umfana oneminyaka emine nentombazanyana enezinyanga ezintathu bahlolwe esibhedlela sendawo base bededelwa ngenxa yokuthi abalimalanga.

Amaphoyisa akule ndawo avulele umshayeli uphenyo mayelana nalesi sigameko.

Lo mncintiswano obunezigaba eziningi zemijaho ubunomhlomulo wemali eyizi-R150,000.

Umthombo wesithombe: @ABCNews

Izihloko zakamuva