Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ingane yomfana enezinyanga eziyisishiyagalombili ishonile nabazali bayo ngesikhathi kusha umjondolo kanti kukholakala ukuthi umlilo uqalwe ukuwa kwekhandlela.
Laba bobathathu bashe emjondolo wabo eFisantekraal, eKapa.
Isakhamuzi uNombulelo Koyisa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzwe ubaba wengane ecela ikhandlela.
“Bekuyihora lokuqala ekuseni kunogqamcishi wabe esecela ikhandlela komunye womakhelwane,” kusho isakhamuzi.
“Ngimfonele ngamncenga ukuthi angalisebenzisi ngoba bebedle amanzi amponjwana. Bengisaba ukuthi bazolala ikhandlela livutha.”
Ngemuva kwemizuzu embalwa uNombulelo wezwa ngomuntu eshaya emjondolo.
“Ngesikhathi sisazibuza ukuthi kwenzakalani, izakhamuzi zaqala ukuhayiza zithi kunomlilo ngaphandle. Savusa izingane zethu sagijima saphumela ngaphandle. Ngaleso sikhathi bese kungene intuthu endlini yethu,” kusho uNombulelo.0
“Ngifisa sengathi ngabe ungilalelile kodwa uthe banengane encane futhi bayalindinga ikhandlela. Uthe noma bephuzile kodwa angeke balale bekhanyise ikhandlela,” kusho uNombulelo.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa aseDurbanville afike eFisantekraal ngezithuba zabo-01:40 athola imijondolo ishiswe umlilo.
Esithombeni esingenhla: Ingane yomfana enezinyanga eziyisishiyagalombili ubudala eshone nabazali bayo abebephuzile balala bengalicishanga ikhandlela .
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze