Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Lona wesifazane (35) ubevula isango ngesikhathi liwa kungazelelwe, lamcindezela.
Asebenza nabo bamphuthumise ewodini lezimo eziphuthumayo, kodwa washona ngenxa yokulimala.
Ingozi eyenzeke esibhedlela e-Livingstone e-Gqeberha ishiye owesifazane eshonile ezintatha zangoLwesithathu.
Ubengunogada esibhedlela futhi ubesemsebenzini ngesikhathi ecindezelwe isango washona.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sandra Janse van Rensburg uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-4:20 ekuseni.
“Ubevula u-Gate 3 ngesikhathi uphuma kujantshi wawela phezu kwakhe,” kusho uJanse van Rensburg.
Abasebenzi bazama ukumhlenga ngokumphuthumisa ewodini lezimo eziphuthumayo, kodwa washona ngenxa yokulimala.
Abe-SAPS Gelvandale bavule uphenyo.
UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uthi usiza abasebenzi ababone lesi sigameko esibuhlungu.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Siyanda Manana, uthe bahlela ukululekwa ngokwengqondo konogada abebesemsebenzini ngaleso sikhathi.
“Sihlela nomhlangano nabahlinzeka ngemisebenzi ukuze sihlahle indlela eya phambili ukusuka lapha,” usho kanje.
Ubesebenzela inkampani ezimele, iNomgwenye Security Solutions.
Esithombeni esingenhla: Indawo yokungena esibhedlela i-Livingstone e-Gqeberha.
Umthombo wesithombe: Ifayela