Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
- Unogada kaMengameli we-IFP ushone engozini eshayela imoto kamengameli weqembu ku-N2 ngase-Stanger.
- Le ngozi yenzeka ngesikhathi la uHlabisa efuna ukwesekwa esikhundleni sokuba ngumengameli weqembu ihlandla lesibili.
Unogada osebenzela uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ushone engozini yemoto ngoMgqibelo eshayela imoto kangqongqoshe ku-N2 ngase-Stanger ogwini olusenyakatho.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe uHlabisa ubengekho emotweni yohlobo lwe-BMW SUV ngesikhathi ihlangabezana nengozi.
Igama likanogada belingakadalulwa.
“Sicela umndeni kanogada unikwe indawo uzilele umufi,” kusho uHlengwa.
Kwenzeka lokhu nje i-IFP ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi obuzayo lapho uHlabisa enethemba lokunqoba ihlandla lesibili njengomholi weqembu.
UHlabisa ungene esikhundleni somsunguli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngo-2019 ngemuva kokuthi uButhelezi ehle esikhundleni ngemuva kokuhola leli qembu iminyaka engaphezu kuka-40.
Ngaphambi kokuthi abe ngumholi weqembu, uHlabisa ubeyimeya yeBig Five Hlabisa enyakatho neKwaZulu-Natal. Wayenguthishanhloko futhi uyilungu lebandla lakwaShembe iNazareth Baptist Church.
I-Scrolla.Africa ithole ukuthi uHlabisa ucele uNdunankulu waseKZN uThamsanqa Ntuli ukuthi ameseke kwihlandla lesibili. UNtuli ubevele eshilo ukuthi ngeke angenele ukhetho kwesobumengameli be-IFP.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu izoba ngasekupheleni kwalo nyaka.
Esithombeni esingenhla: Imoto ebinikezwe uMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa ingene engozini kwashona unogada wakhe ku-N2 ngase-Stanger.
Umthombo: Sithunyelwe