Kushone unkosikazi wowayeqeqesha amaBhokobhoko

Dylan Bettencourt

Kutholakele isidumbu sikaTherese de Villiers, obengunkosikazi kalowo owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko uPeter de Villiers. 

Isidumbu sikaTherese sitholwe sintanta endaweni yokubhukuda ngoMsombuluko ntambama.

Okhulumela amaphoyisa ukaputeni uSandra Janse van Rensburg uthe ngeke akwazi ukudalula ukuthi lo wesifazane ungubani, kodwa iqembu lepolitiki i-Good, elikanye noPeter njengomunye wamakhansela alo, likuqinisekisile ukushona kwakhe.

“Kusolakala ukuthi ngehora leshumi nambili, isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-62 ubudala sitholakale endaweni yokubhukuda emzini ose-Redbud Street e-Fairview,” kusho uJanse van Rensburg.

“Lo wesifazane ungowase-Paarl kodwa ubevakashele umndeni wakhe e-Gqeberha, ngesikhathi etholwa ilungu lomndeni endaweni yokubhukuda futhi akukho okusolwayo ngokushona kwakhe.”

Iqembu lepolitiki likuqinisekisile ukuthi uPeter ushonelwe ngumkakhe kodwa alizange linabe ngezigameko eziholele ekushoneni kwakhe.

“I-Good idlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukankosikazi kaPeter de Villiers, owayengumqeqeshi webhola lombhoxo waseNingizimu Afrika kanye nekhansela,”

“Imicabango nemikhuleko yethu inani nomndeni wakho ezinhlungwini odlula kuzo. Sinifisela amandla, ukuthula, nothando njengoba wena nomndeni wakho nidlula kulesi sikhathi esinzima,” kubhala leli qembu kwi-Facebook.

Amaphoyisa ase-Walmer aseqale uphenyo mayelana nalesi sigameko.

UPeter ushonelwe umkakhe  nendodakazi yakhe eminyakeni emithathu.

Indodakazi yabashadikazi u-Odille Monk yashona ngoZibandlela ngonyaka ka-2019 ngenxa yomdlavuza ineminyaka engu-28.

Umthombo wesithombe: @NewZimbabwe

Scrolla World Cup Quiz