Kushone unkosikazi kaJackson Mthembu

Celani Sikhakhane

UThembi Mthembu, obengunkosikazi kaNgqongqoshe ongasekho uJackson Mphikwa Mthembu, ugcine impilo yomndeni wakhe iyimfihlo kwaze kwaba sekugcineni.

UThembi ubeshade noMthembu iminyaka engu 20. UMthembu wabulawa i-Covid-19 ngoMasingana nyakenye.

UThembi (51) ushone ngenxa yokugula esesibhedlela sasePitoli.

Yize made eshade nosopolitiki owaziwayo, akakaze adalule okuningi ngempilo yakhe kwabezindaba.

Siyazi ukuthi ubengumhlengikazi emtholampilo wendawo elokishini lase-Emalahleni eMpumalanga, ehlala noJackson nezingane zabo.

Ubengavamile ukubonakala emphakathini, futhi wayeke abonakale eduze noJackson Enkulumweni Kamengameli Yesizwe.

Kuyaziwa futhi ukuthi abakwaMthembu bebephila impilo ejwayelekile, yize bake badlula kwinhlekelele embi kakhulu.

Indodakazi kaThembi noJackson, uKhwezi, wazibulala e-Parliamentary Village eKapa ngo-2019.

Umndeni waphinde waphumela obala ngokusetshenziswa kwezidakamizwa kwendodana yawo uVuyo.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi uThembi wahlaselwa isifo senhliziyo ngemuva nje kokushona komyeni wakhe ngo-2021.

Isihlobo esiseduze uBuyi Mthembu ukuqinisekisile ukuthi uThembi uphefumule okokugcina esibhedlela sase-Pitoli ngoLwesine. Ushiye emhlabeni indodana yakhe uVuyo.

Izihloko zakamuva