Kushone umsolwa oyedwa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa

Everson Luhanga

Kuqhume izibhamu emigwaqweni ephithizelayo enkabeni yedolobha laseGoli ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi amaphoyisa edubulana nabasolwa abathathu.

Imoto ebishayelwa abasolwa ibigcwele izinhlamvu ngesikhathi kuphela ukudubulana namaphoyisa. Umsolwa oyedwa udutshulwe washonela endaweni yesigameko abanye ababili babaleka.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi ithimba lezinhlaka ezehlukene okuhlanganisa amalungu e-SAPS Crime Intelligence nezinye izinhlaka zomthetho lilandele imininingwane ngabasolwa abebegebenga behlomile beduna izimoto edolobheni.

Abasolwa abathathu bajahwe e-Mayfair ngaphambi kokuthi imoto abebehamba ngayo ishayise isigxobo sikagesi edolobheni laseGoli. Umsolwa oyedwa utholwe iziphathimandla enamanxeba okudutshulwa futhi ushonele endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo usiqinisekisile lesi sigameko.

“Ngesikhathi bejahwa e-Mayfair abasolwa ababili bavele baphuma emotweni abebehamba ngayo babaleka ngezinyawo. Amaphoyisa aqhubekile nokujaha imoto yabasolwa yaze yayoshayisa isigxobo sikagesi enkabeni yeGoli.”

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababili abababalekile.

UMasondo uthe izikhulu zamaphoyisa ziqale zazama ukumisa imoto yabasolwa kodwa zayijaha ngesikhathi abasolwa bephuma bedubula amaphoyisa.

Uphenyo lokuqala luveze ukuthi le moto ibifakwe izinombolo zemoto  okungezona kanti kubikwa ukuthi yadunwa e-Kempton Park ngoNhlaba.

UMasondo uthe amaphoyisa athole izibhamu ezine ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ngaphakathi kwemoto yabasolwa.

“Awekho amalungu ezinhlaka zomthetho noma omphakathi alimele,” kubika uMasondo.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uXolani Fihla uthe izikhulu zisize ekuqondiseni izimoto endaweni ephazanyiswe ilesi sigameko.

NgoMsombuluko ebusuku ukuhamba kwezimoto kubuyele esimweni esijwayelekile ngemuva kokuthi izikhulu zisize endaweni yesigameko. 

Izihloko zakamuva