USihle Mavuso ukulethela zonke ezakamuva KwaZulu-Natal
E-Dannhauser – I-ANC isosizini kulandela ukushona komholi wayo wentsha esifundeni iMbuso Kubheka eNewcastle. USiphelele Kunene obebuye abe ngumdidiyeli wophiko lwentsha yeqembu kulesi sifunda ushone engozini yemoto ngoLwesithathu ngaseMdakane. Kuthiwa ubehamba ngemoto esuka eNewcastle eya kubo eDannhauser. UKunene ubephinde abe yikhansela le-ANC kumasipala waseDannhauser ophethwe umfelandawonye we-ANC-EFF-CFP.
OLundi – Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) lithi uhlaka lobuholi bendabuko lunendawo embusweni wentando yeningi eNingizimu Afrika futhi alivumelani nekhwelo lokuluqeda, abantu basaludinga. USihlalo waleli qembu KwaZulu-Natal uThami Ntuli uthe amazwe ake azama ukuliqeda ngokuhamba kwesikhathi afunda kanzima abuyisela uhlaka. UNtuli ukusho lokhu izolo ebusuku ngesikhathi ekhuluma namakhosi eThekwini, wavuma ukuthi iqembu lakhe luzophatha uhlaka uma luqokwa ukuphatha esifundazweni.
EThekwini – OwayeyiPhini leMeya kuMasipala weTheku, uPhilani PG Mavundla ufuna kususwe esikhundleni iPhini leMenenja yeTheku mayelana nengqalasizinda, uSibusiso Makhanya. UMavundla uthi uMakhanya awumfanele lo msebenzi futhi lokho kwatholakala ophenyweni alwenza ngoNdasa ka-2022. Ngokusho kwakhe, uMakhanya kufanele athwale icala ngokuwa kwengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle kuleli dolobha.
EThekwini- Inhlangano ezimele iGround Work Collective (GWC), esungulwe ngowayeyilungu lePhalamende le-DA, uMbali Ntuli, isijube abagade ukhetho ukuthi baqaphe ukuvota okuyisipesheli phesheya kwezilwandle okuqale namuhla. Ngokusho kukaNtuli abazogada base-Britain, i-Canada, iseMelika nase-Switzerland. Uthe i-GWC ikwenza lokhu ngaphansi kohlelo lokushintshisana okubone izinkulungwane zamavolontiya ezifuna ukulula isandla ukuvikela intando yeningi yezwe ekhaya naphesheya.
E-Estcourt – Umasipala wesifunda sasoThukela uthi ama-boreholes ebimbelwe umphakathi waseRosedale, e-Estcourt, azovala igebe okwesikhashana kusalindwe ukuphothulwa kohlelo olukhulu lwamanzi olusuka eGorton. IMeya yalo masipala, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala ithe kumele bangenelele manje ngoba uhlelo luthatha isikhathi eside ukuthi abantu bawathole ngokushesha amanzi. Wengeze ngokuthi i-borehole izoqinisekisa ukuthi ompompi abafakwa eminyakeni edlule bazokhipha amanzi ezinyangeni ezimbili.