Kushone umgibeli kwalimala ababili kuhlaselwa itekisi eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kudutshulwe kwabulawa umgibeli kwathi abanye ababili balimala ngemuva kokuba itekisi abebekulo e-Philippi eKapa lihlaselwe izinkabi. 

Isakhamuzi sase-Philippi esingadalulwanga igama laso sithe: “bengime eduze kwetekisi i-Toyota Quantum ngilinde i-Avanza eya enxanxatheleni yezitolo. Ngesikhathi ngisamile ngibone indoda iphethe isibhamu esikhulu kodwa akuzange kungene engqondweni yami ukuthi izodubula abantu. Indlela abesiphethe ngayo, bengicabanga ukuthi ithoyizi.”

Ngemuva kwemizuzu embalwa, uzwe kuqhuma isibhamu kanti owesilisa obephethe “isibhamu esikhulu” ubedubula etekisini.

“Ngesikhathi eqala ukudubula kuqhamuke amadoda amaningi nawo adubula. Ngisindiswe umshayeli wetekisi okhiphe isibhamu wadubula ebhekise kubasolwa,” esho.

“Usindise impilo yami ngoba bengingadutshulwa inhlamvu ebingaqondile kimi. Okwenzekayo kubi ngoba abagibeli abahlanganise lutho nalokhu okwenzeka manje. Cabanga nje ungena etekisini ushonela into ongayazi nakwazi.”

Kubikwa ukuthi abashayeli bamatekisi abahlanu baseKapa badutshulwe babulawa bengaphakathi ematekisini abo kusukela ngesonto eledlule.

Okhulumela inhlangano yamatekisi i-Cape Amalgamated, uNkululeko Sityebi uthe: “Okwamanje asazi ukuthi yini edala konke lokhu. Sisazama ukuthola isizathu.”

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe amaphoyisa aseNyanga avule idokodo lokubulala kanye namadokodo amabili okuzama ukubulala ukuze kuqhubeke uphenyo.

“Imininingwane yokuqala iveza ukuthi itekisi ibilayishe abagibeli ngesikhathi izinkabi ezingaziwa ebezihlome ngezibhamu zivulela ngenhlamvu zibhekise etekisini,” kusho uPojie. “Umshayeli ukwazile ukubaleka kodwa owesifazane oneminyaka engaba ngu-30 ushone ngenxa yamanxeba okudutshulwa emzimbeni wakhe ongenhla.”

Abagibeli ababili abalimele, owesilisa nowesifazane baphuthunyiswe esikhungweni sezempilo ukuze bathole ukwelashwa.

Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe kwabulawa umgibeli wesifazane engaphakathi etekisini izinkabi ezivulele ngenhlamvu zibhekise etekisini ebilayishe abagibeli.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva