Kushone umfundisi engozini yemoto

Elmon Tshikhudo

Bekufanele ahole inkonzo yemvuselelo yePhasika enesihloko esithi: “Ingabe ukulungele ukubuya kukaJesu”.

Kodwa ngoLwesine, uMprofethi uShane weBandla le-SSB eShayandima ushonele endaweni yesigameko ngesikhathi engena engozini yemoto enyantisa igazi emgwaqeni u-R524 phakathi kwase-Mokhado ne-Tshakhuma e-Limpopo.

Lo mprofethi obengundabuzekwayo waseShayandima e-Limpopo, obephinde aziwe njengendodana kaMajor 1 umphrofethi uBushiri, waba sematheni ngonyaka odlule ngesikhathi eboshwa ngemuva kokugxeka esidlangalaleni uMengameli uCyril Ramaphosa kanye nokusabalalisa izindaba ezingamampunge ze-coronavirus.

Amaphoyisa alunywa indlebe ngamalungu omphakathi ngemuva kwevidiyo ayiqopha egxeka isimemezelo sikamengameli sokuthi kuvalwe izwe lonke.

Lo mprofethi wagxekwa kakhulu ngemuva kokusho ukuthi akusizi ukuhlala ekhaya ngoba i-coronavirus igwele izwe lonke futhi isabalala usuku nosuku.

Waphinde wathi uhulumeni udlala imidlalo njengoba leli gciwane liwumkhuhlane nje futhi uhulumeni kufanele avumele abantu ukuthi baphume ezindlini zabo ukuze imizimba yabo ijwayele igciwane.

Ekhuluma ngemuva nje kokushona kukaMphrofethi uShane, uMbhishobhi uSamson Nethonzhe we-Zion City International Ministry e-Siawoadza Thohoyandou uchaze ukudlula kwakhe njengokulahlekelwa okukhulu.

“Ngimfundise okuningi futhi ngambona ekhula okholweni nangokogcobo lwakhe obelukhula kakhulu,” kusho uNethonzhe.

“Besibazi ubunzima kanye nobuhle bempilo yakhe, kodwa kulezi nsuku ubephumelela kwezokholo nakwezamabhizinisi futhi besilindele izinto ezinkulu kuye. Sikhungathekile. Izinhliziyo zethu ziphukile,” esho.

Izihloko zakamuva