Kushone umfundi wase-EC ngemuva kokushiswa uthisha wakhe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ugcine eshonile umfundi (17) obenza ibanga lesikhombisa owabhunyelwa ngophethiloli waphushelwa emlilweni nguthisha wendawo ngezinsolo zokuntshontsha izinkukhu zakhe, kanti lo mfundi ushone ngemuva kobuhlungu bezinyanga cishe ezintathu esesibhedlela saseKomani.

U-Anam Sishuba (17) waseZingqutu ngaphandle kwaseKomani ubengumfundi esikoleni samabanga aphezulu eLavelilanga okuyilapho umsolwa efundisa khona.

Ngokusho kukanina uNksz Nomzi Sishuba (55), indodana yakhe yayizihambela igoduka ngesikhathi izithela kuthisha oneminyaka engu-59 esigangeni, wayibiza ukuba isondele.

“Kuthe uma efika wathola ukuthi uthisha ubase umlilo. Ungitshele ukuthi uthisha wabe esemkhomba ngesibhamu efuna ukuthi abuyiselwe izinkukhu zakhe ngesikhathi emthela ngopharafini ngemuva kwalokho wamphoqa ukuthi agxumele emlilweni,” kusho umama ophuke inhliziyo.

UNomzi uthe udaba luqale ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, ngesikhathi u-Anam nabangani bakhe bentshontsha izinkukhu ezintathu zikathisha.

Uthisha wabikela abazali kwathi ngemuva komhlangano uthisha wavuma ukuthi udaba luyekwe wathi abafana bayohlezi bengabafana.

“Asikaze sikucabange lokhu futhi besingazi ukuthi usenamagqubu ngalolu daba,” kusho uNomzi.

U-Anam wakwazi ukubalekela ilangabi wabalekela emzini oseduze. Wangeniswa esibhedlela ngenxa yokusha kakhulu kusukela ekuqaleni kukaMandulo ngaphambi kokuthi ashone ngoLwesibili ngomhlaka-21 kuLwezi.

“Ubejabule futhi ehlale engibingelela kuqala noma nini uma ngimvakashele, kodwa ngoLwesibili akazange aphendule ngisho nalapho ngimbingelela. Benginethemba lokuthi uzosinda,” kusho umama ososizini.

Isishoshovu samalungelo ezingane, uMnuz Petros Majola we-Chula Development Project uthe umndeni ubuthembele kwimali yesondlo sikahulumeni sika-Anama futhi awazi uzohlanganisani ukuze angcwatshwe.

“Sicela noma ngubani ongasiza umndeni ukuthi ungcwabe indodana yawo futhi sizokwamukela nanoma yini umndeni onganikelelwa ngayo,” kuncenga uPetros.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uFundile Gade uthe uthisha usexoshiwe, uMnyango uthe udaba selubikiwe emkhandlwini wothisha i-South African Council for Educators (SACE).

“Kwangathi umndeni ungathola induduzo kuNkulunkulu ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uGade.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Baidu, ukuqinisekisile ukuthi uthisha usagcinwe ngamaphoyisa. Uthe kuzomele avele eNkantolo maduze ezofaka isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

U-Anam uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngomhlaka-9 kuZibandlela ngo-2023 eZingqutu Village eKomani.

Esithombeni esingenhlai: Umama ka-Anam uNomzi Sishuba

Isithombe : Sithunyelwe

Izihloko zakamuva