Kushone umfundi ngemuva kokukhomba imenenja yendawo ngesibhamu esiyithoyizi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kushone umfundi waseNelson Mandela University ngemuva kokuthi umphathi wendawo ohlala ngaphandle kwesikhungo esolwa ngokumshayisa ngemoto ekuseni ngeSonto.

UThandolwami Ndlovu, (24), kubikwa ukuthi ushayiswe imoto ngemuva kokukhomba imenenja ngesibhamu esiyithoyizi.

Okhulumela amaphoyisa, uWarrant Officer Majola Nkohli uthe uNdlovu ushayiswe yimoto kuClyde Street eGqeberha Central.

“Kusolakala ukuthi ngezithuba zabo-1:30 ekuseni, imoto yohlobo lweMercedes-Benz eluhlaza ishayise umgilwa kwatholakala ukuthi ushonele endaweni yesigameko,” usho kanje.

“Izimo ezithinta lesi sigameko ziyingxenye yophenyo.”

Uqhube wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

INelson Mandela University (NMU) ithe uNdlovu uke wahlala kwi-private residence e-Central.

Inyuvesi izwakalise ukushaqeka, yasigxeka lesi senzo esingenangqondo ngamagama aqinile” futhi yamemezela ukuthi isebenzisana namaphoyisa ngenkathi iqhuba olwawo uphenyo ngalesi sigameko.

I-NMU Economic Freedom Fighters Student Command (EFFSC) ithe uNdlovu ubengomunye wabangenele ukhetho lwe-SRC okhethweni lwabafundi ngoLwesibili.

“Ukudlula emhlabeni kweqhawe uThando kuphinde kwasikhumbuza ngobugebengu nodlame esibhekene nakho njengentsha,” kusho leli qembu.

“Ukufa kabuhlungu kukaThando kushiye isilonda esibi emalungwini amaningi enhlangano yethu. Siyethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka kuThando nomndeni wakhe.”

Khonamanjalo, iDemocratic Alliance Student Organisation (Daso) iwine ukhetho lwe-SRC ngoLwesibili, yehlula i-EFF Student Command. I-Daso ithole izihlalo ezingu-34 kwezingu-43 ze-SRC.

IDaso ithe uLathitha Mbuzwana nguyena ongase abe uMengameli we-SRC.

Esithombeni esingenhla: Isitshudeni saseNyuvesi yaseNelson Mandela, uThandolwami Ndlovu okusolakala ukuthi ushayiswe ngemoto ngumphathi wendawo yokuhlala ngemuva kwengxabano.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva