Kushone umfanyana ophoseke emgodini wethoyilethe

Lubhalwe nguLungani Zungu

Unyaka uqale kabi emndenini wakwaMakhoba ngemuva kokuthi u-Amukelani Makhoba (4) eshone kulandela ukuphoseka emgodinii wendlu yangasese ngoLwesibili.

Lesi sigameko esenzeke eManguzi enyakatho neKwaZulu-Natal sishiye abantu bendawo bebambe ongezansi.

Elandisa ngosuku lwenhlekelele, umamncane ka-Amukelani, uSithobile uthe izingane bezidlala egcekeni ngesikhathi zinyamalala kungazelelwe.

Ngemuva kwemizuzwana umzala ka-Amukelani, uThabo (6) uye wabuya watshela umndeni ukuthi u-Amukelani uphoseke endlini yangasese yomgodi.

“Sonke siye saphuthuma endlini yangasese yomgodi imizuzu embalwa ukusuka endlini. Sizamile ukumhlenga kodwa sahluleka kanti kuye kwafika amalungu omphakathi amaningi ezosisiza,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe abazala baka-Amukelani babatshele ukuthi ubezikhulula ngesikhathi abazala bakhe bedlala ngaphandle kwendlu yangasese wase ewela ngaphakathi.

Lesi sigameko esihlasimulisa umzimba sishiye umndeni uhlukumezekile.

“Sonke sikhungathekile futhi sihlukumezekile. Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu ukuthi asazi ukuthi sizoyingcwaba kanjani ingane yethu njengoba unina engasebenzi. Isimo sibi kakhulu lapha ekhaya,” kusho umamncane.

Uthe bekungeyona indlela abebelindele ukuthi unyaka uqale ngayo njengoba bebenethemba lokuthi kuzoba “unyaka ogcwele izibusiso kithina njengo mndeni.”

Lesi sigameko sisuse intukuthelo emphakathini, osola umasipala waseMkhanyakude – ongaphansi kweManguzi – ngokwehluleka ukuhlinzeka ngezindlu zangasese ezifanele izakhamuzi ezinhlwempu.

Umholi wendawo uMnu Mdumiseni Mkhombo, uthe sekuphele iminyaka umphakathi ulindile ukuthi umasipala ubakhele izindlu zangasese.

“Kodwa akwenzekanga lutho, kanti manje silahlekelwe impilo yomfannyana ongenacala…. Kade sixwayisa uhulumeni ngokuthi lezi zindlu zangasese ziyingozi emphakathini,” esho.

Umasipala awutholakalanga ukuthi uphawule.

Amaphoyisa endawo asiqinisekisile isigameko athi kuvulwe idokodo lophenyo.

Esithombeni esingenhla: Indlu yangasese yomgodi lapho u-Amukelani ephoseke khona washona

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva