Kushone umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala emuva kokudubuleka empini yamaqembu ezigelekeqe abebanga imali ye-Protection Fee e-Browns Farm e-Philippi, eKapa.
USiphumeze Mkhangelwa utshele uyise ukuthi uyodlala epaki eseduze ngoLwesithathu ntambama.
“Ngemva nje kokuthi ephumile ngezwa kuqhuma isibhamu,” kusho uRichard Mthangayi uyise womfana. “Abantu babaleke bangena ezindlini zabo beyocasha, kodwa mina ngaphumela ngaphandle ngiyobheka indodana yami ngoba bengizwa ukuthi ukuqhuma kwesibhamu kuseduze nendawo yami nepaki.”
Uthe esagijima epaki ubone indodana yakhe ilele eceleni komgwaqo.
“Ekuqaleni bengicabanga ukuthi ucashile. Kodwa kuthe uma ngibiza igama lakhe engaphenduli ngabona ukuthi udutshuliwe,” kusho uRichard.
“Bengingazitsheli ukuthi ngizolahlekelwa nguye ngoba udutshulwe ethangeni.
“Udokotela ungitshele ukuthi bazohambisa indodana yami esibhedlela sezingane, kodwa bese lidume lashona. Ushone ngaphambi kokuthi adluliselwe esibhedlela.”
Akazi ukuthi uzoyingcwaba kanjani indodana yakhe njengoba eziphilela ngokuqoqa amathini.
“Angisebenzi futhi umama womfana use-Eastern Cape unakekela uyise ogulayo. Ngilimele. Ngingaluthokozela noma yiluphi usizo ukuze siqinisekise ukuthi indodana yami siyingcwaba ngesizotha,” kusho uRichard.
Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe sihlalele ovalweni: “Indawo yethu iyindawo enezigebengu ezilwela imali ye-Protection Fee kugcine kulimale abantu abangenacala. Ngifisa sengathi bangabubona ubuhlungu abasizwisa bona bayeke abakwenzayo noma bakwenze lapho okuzoba yibona kuphela.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi, uthe amaphoyisa aseNyanga aphenya icala lokubulala.
Lubhalwe Intatheli ye-Stuff
Esithombeni esingenhla: USiphumeze Mkhangelwa odubuleke kade kulwa izigebengu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe