Kushone umfana owakhishwa esibhedlela ngemuva kokuba elimale kanzima

Dalphine Tagwireyi

U-Evans Mthombeni ungeniswe esibhedlela Kwamhlanga ngemuva kokushawa kanzima ngensimbi esikoleni.

Ngemuva kokuba isibhedlela simubone lo mfana oneminyaka eyi-17 ukuthi ulimele kangakanani, sivele samudedela ngenxa yokunyuka kwezinga labantu abasesibhedlela abane-Covid-19. UMthombeni udlulile emhlabeni ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalolunye.

Mhla ziyi-4 kuNcwaba kwabakhona ingxabano phakathi kukaMthombeni nomunye umfundi esikoleni samabanga aphezulu Entokozweni endaweni yase-Kwaggafontein bebanga i-scientific calculator.

Ubaba kaMthombeni uSabelo Mkhwanazi obediniwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodana yakhe ibihlukunyezwa.

“Ngathola ucingo ngehora lesine ntambama elibika ukuthi indodana yami bayihlasele angiphuthume ilimele kakhulu. Ushawe ngensimbi amahlandla amaningi emzimbeni wakhe” kusho uSabelo.

UMthombeni wangena esibhedlela saKwamhlanga ntambama lapho afike bamuxilonga khona base bemudedela.

“Ngesikhathi udokotela emuxilonga uthe uthinteke ihlombe wase wophela ngaphakathi waphinde wathi-ngenxa ye-Covid-19- basicela ukuba simuyise ekhaya” kusho ubaba wakhe.

Udokotela ube esesitshela ukuthi uMthombeni kumele abuye mhla zingama-23 kuNcwaba, kodwa lo mfundi webanga le-10 unqotshwe izinhlungu mhla ziyi-13 kuNcwaba.

UMkhwanazi uthe indodana yakhe yalimala kakhulu ehlombe futhi ama-scan akhombisa ukuthi ulimele ngaphakathi waphinde wophela ngaphakathi.

“Ezinye izinsuku ubekhala ngobuhlungu kwezinye angabuzwa nhlobo ngesikhathi esekhaya, kodwa ngesikhathi ezodlula emhlabeni wakhala ngekhanda elingapheli nezinhlungu angazijwayele, waphinde wakhala ngezinhlungu azizwa emzimbeni wakhe” kusho uMkhwanazi.

Umkhwanazi uthe ukulahlekelwa indodana kufana nokuthi umuntu ukukhiphe inhliziyo yakho uphila futhi uyakholelwa ukuthi isibhedlela kukhona ebesingakwenza ukuhlenga indodana yakhe.

“Ngibuye ngibeke isibhedlela icala ngokushona kwendodana yami. Umtholampilo usikhombe esibhedlela ngiyasola babonile ukuthi indodana yami ilimele kakhulu” kusho uMkhwanazi.

Okhulumela umyango wezempilo waseMpumalanga uDumisani Malamule uqinisekisile ngecala likaMthombeni wathi “u-Evans wagodukiswa ngemuva kokuba bahlole ukushaya kwakhe kwegazi ukuthi lishaya ngendlela ejwayelekile, baphinde bahlola nokushaya kwenhliziyo yakhe base bemucebisa ukuba abuyele esibhedlela mhla zingama-23 kuNcwaba”.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga u-Colonel Donald Mdhluli uqinisekisile ukuthi uphenyo lokudlula emhlabeni kukaMthombeni luphethwe amaphoyisa ase-Kwaggafontein.

Izihloko zakamuva