Sandiso Phaliso
Ngemuva kokuba sebevike izingozi zomlilo ezimbili eminyakeni emithathu eyedlule uNoxolo Deli ushe wanqonqa nezingane zakhe ezine ngemuva kokuba bavaleleke ngaphakathi endlini, ngenkathi kuvutha umuzi wabo womndeni.
Lokhu kuhlaselwa ngomlile kwenzeke ngoLwesine olwedlule endaweni yasemakhaya e-Tshapile esigodini sase-Engcobo e-Easten Cape.
Lo mlilo usushiye intombazanyana eneminyaka eyishumi nanye ingenamama nezingane zakubo.
Ngokusho kwesihlobo salo mndeni sithi akukhona okokuqala ukuthi uNoxolo oneminyaka engama-48 onemizi eyisihlanu ukuthi ashelwe yindlu. Ngowezi-2019 umuzi wakhe wahlaselwa wathungathwa ngomlilo, kodwa akulimalanga muntu.
Ngonyaka odlule uDeli nezingane zakhe bavuka indlu isha, kodwa baphuma bengalimalanga.
Icala lavulwa emaphoyiseni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi lasulwa ngemuva kokuba owayejikijele i-Petrol bom endlini yabo walivuma icala ukuthi uyena okwenzile futhi wathembisa ukubakhela enye indlu.
Kulokhu izingane zakhe ezine uZuko oneminyaka engama-20, u-Indiphile oneminyaka eyishumi nanhlanu, u-Ayamkela oneminyaka eyishumi nantathu kanye no-Aziphile oneminyaka eyisishiyagalolunye bonke bashone ngenkathi kuvutha umlilo. Ingane yentombazane isindile ngoba ibingekho ekhaya ngemuva kokuba umlilo uqale.
I-Scrolla.Africa sikhulume nobhuti kaDeli uChris Mtshotana.
Uthe ngenkathi omakhelwane befinyelela kumuzi ngoLwesine bese besindwe izinyawo futhi kungekho abangakwenza ukukhipha abangaphakathi.
Basole ukuthi lo muntu oqale lo mlilo ubeqonde uDeli ngoba uyena omuthole kakhulu.
UMtshotana uthe umphakathi ufuna laba abenze lokhu batholwe futhi bajeze.
Uthe ngenkathi izigameko ezimbili zenzeka kwabizwa induna yendawo kwahlalwa phansi udaba laxazululwa. Akekho osaboshiwe selokhu kwenzeke lokhu.
Undunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane benoNgcobo nemeya uSiyabulela Zangqa bavakashele umndeni ngempelasonto ukuyodlulisa amazwi enduduzo. Uphinde wathi uzowuvakashela umndeni ngoLwesibili ukuze ababheke aphinde afake uxhaso.
Sicela ukuba ikhomishana lendawo eliphethe amaphoyisa basebenzise ithimba elibukhali uma sebephenya ngalolu daba etshela i-Scrolla.Africa.
Ngisebenzisana nomndeni ukuze ngibasize ukulungiselelwa komngcwabo kusho uZangqa.
UMabuyana uhlangane nabaholi bomphakathi wabanxusa ukuthi lolu daba abalibheke ngeso lokhozi uma bekuyisiqalekiso kumele bamuthole lomuntu owenze lento.
Akekho umuntu obesaboshiwe kanti amaphoyisa asaphenya.