Kushone udokotela obekhulelisa iziguli ngesidoda sakhe

Akasekho emhlabeni udokotela  uDkt Morris Wortman wase-New York, ngemuva kokubandakanyeka engozini yendiza.

UWortman usenesikhathi eside ebambene ngezihluthu nengalo yomthetho kulandela izinsolo zokuthi ukhulelisa iziguli ngesidoda sakhe.

Indiza abekade ekuyo bekuyi-Wittman W-5 Buttercup kanti le ndiza encane yakhelwe ukuthwala abantu ababili kuphela. U-Earl Luce Jr obeshayela indiza, kubikwa ukuthi wazakhela yena le ndiza.

Ngokusho kukaSheriff wesifunda sase-Orleans uChristopher Bourke, amaphiko endiza abeqhelelene ne-fuselage okudale ukuthi indiza iphahlazeke endaweni eyingadi eyibanga eliqhele ngamamitha angu-1,370.

UWortman uzongena ethuneni lakhe nezinsolo ezimlandela ngemuva zemikhuba yakhe yokukhulelisa iziguli ngesidoda sakhe. 

NgoMandulo ngo-2021 owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala othi uyindodakazi kaWortman, wafaka icala eNkantolo emsola ngokuthi wasebenzisa isidoda sakhe ukuze akhulelise umama wakhe ngaphandle kwemvume yakhe.

Lesi sigameko senzeka ngeminyaka yango-1980 emtholampilo wase-Wortman’s Rochester, e-Centre for Menstrual Disorders.

Kubikwa ukuthi, uWortman wazise umndeni walona wesifazane ukuthi umuntu owanikela ngesidoda sakhe wayengumfundi owenza izifundo zobudokotela eNyuvesi yase-Rochester.

Kodwa-ke, ukuhlolwa kolibofuzo ngo-2016 kwaveza ukuthi lo wesifazane ingane yakhe yayinolibofuzo okungenani lwezingane eziyisishiyagalolunye okusho ukuthi kwasetshenziswa isidoda esisodwa.

Lokhu kwakusho ukuthi uWortman ngokwakhe kungenzeka ukuthi wasebenzisa esakhe isidoda.

Icala elalibhekene nodokotela nomtholampilo wakhe lalihlanganisa izinsolo ezimbalwa, njengokungaphathwa kahle kwezokwelapha, ibhethri, ukubangela ukucindezeleka, ubudedengu, ukukhwabanisa nokwenza into ngaphandle kwemvumo.

Selokhu kwaqulwa icala lokuqala, sekuvele abantu abaningi besola uWortman ngokusebenzisa isidoda sakhe ukukhulelisa iziguli ngeminyaka yango-1980 njengoba kwabikwa i-Democrat kanye ne-Chronicle.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Ilebhu okugcinwa kuyo isidoda

Izihloko zakamuva