Kushone ozamazama  abayisishiyagalombili abebevaleleke emgodini 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Kushone abavukuzi abangekho emthethweni abayisishiyagalombili ngemuva kokuvaleleka emgodini wemayini esigodini sase-Maroga ngaphandle kwase-Burgersfort.

La madoda angene emgodini ngoLwesihlanu eyomba i-chrome. Ngesikhathi besemayini imvula enamandla igugule inhlabathi yavala imbobo yomgodi abebezophuma ngawo.

Kukholakala ukuthi la madoda aphelelwe umoya ngemuva nje kokuvaleka komgodi kodwa odokotela bahlola izidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwawo.

NgoMgqibelo ebusuku okhulumela abakwa-SAPS e-Limpopo, uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe isidumbu esisodwa ngesomuntu wakuleli, ezine ngezabase-Zimbabwe kanti ezintathu ngezabase-Mozambique.

“Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko sifice abantu bendawo sebewumbile umgodi ukuze bakhiphe izidumbu,” kusho uBrigadier Mojapelo.

NgoLwesine, i-South African Weather Services ikhiphe isexwayiso semvula enamandla e-Limpopo.

Isikhungo sesimo sezulu siyalele abantu ukuthi bahlale ezindlini bagweme izindawo eziphansi.

UKhomishana wamaphoyisa e-Limpopo, uLieutenant Colonel Thembi Hadebe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebesungule ithimba elibhekelele ukumbiwa kwezimayini ezingekho emthethweni esifundazweni.

Esithombeni esingenhla: Umgodi wemayini lapho okushonele khona abayisishiyagalombili abasolwa ngokuba abavukuzi abangekho emthethweni

Umthombo wesithombe: SAPS Limpopo

Izihloko zakamuva