Celani Sikhakhane
Kudutshulwe abantu abayisithupha abasebenza emayini engekho emthethweni ngesikhathi beqophisana namaphoyisa bezama ukuhambisela ozakwabo abangoZama Zama ukudla, ngemuva kokuba abaphathi bevale yonke imigodi ekhona kule mayini.
Lesi sigameko senzeke ngemuva nje kwehora lesithupha ngoLwesithathu ebusuku e-Orkney, esifundazweni sase-Noth west, lapho abantu abangaphezulu kwabangama-300 abebesebenza emayini ngokungekho emthethweni bahlasele onogada kanye namaphoyisa bezama ukuhlinzeka ozakwabo ngokudla abazibiza ngoZama Zama njengoba kade bengaphansi komhlaba.
Okhulumela amaphoyisa ase-North West uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe isigameko sokudubula siqhamuke ngemuva kokuba abaphathi bemayini bezama ukuvala imigodi engenela emayini ngoMgqibelo.
OZama Zama bebesebenzisa le migodi ukungena emayini baphinde baphume ngayo. Ukuvalwa kwayo kwavaleleka ababesemgodini ngaphakathi ngaphandle kwezinto ezingabasiza ukuba baphile.
“Lokhu okwenziwa abaphathi kwaholela ekutheni abangaphandle bangakwazi ukunikeza abasemgodini ukudla namanzi. Ngenxa yokushodelwa ukudla namanzi basebenzise iziqhumane ukuvula imigodi ukuze bakwazi ukuphuma emayini ngoMgqibelo,” kusho uMokgwabone.
NgeSonto, bebengaphezulu kwama-500 oZama Zama abakwazile ukuphuma emayini bathola ukuhlolwa ngenxa yokuthi bese bephelelwe amanzi emzimbeni ngemuva kwalokho babadedela. Abanye bebesizwa abosizo oluphuthumayo kanti abanye bayiswa esibhedlela.
Kodwa abanye oZama Zama basala ngaphakathi emayini. NgoLwesithathu, abebevula imgodi engekho emthethweni bahlasele onogada ukuze bakwazi ukunikeza ukudla namanzi labo abangaphansi emayini.
OZama Zama badubule onogada, ngokuhamba kwesikhathi badubula amaphoyisa, ukuze bakwazi ukudlubulundela bangene ngaphakathi. Kudutshulwe oZama Zama abayisithupha bashonela khona kule ndawo yesibhicongo esenzekille.
UMokgwabone uthe kutholakale izidumbu ezine eduze nemigodi yasemayini, esinye sitholakale siqhele ngamamitha angama-800 kulaba abanye, owesithupha utholakale ehlathini eduze nase-Kanana.
Kutholakale ukudla kanye nezibhamu ezimbili lapho okwenzeke khona isigameko.
UMokgwabone uthe abaphenyi bamaphoyisa abazimele bafakwe lapho okwenzeke khona isibhicongo.
Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi kuboshwe abasolwa abangama-35 ngokuzama ukubulala, ukuphosa iziqhumane ezingekho emthethweni, ukucekela phansi indawo kanye nokwakha itulo lokwenza ubugebengu.