Kushone oyedwa umphakathi ulwa nosolwa ngokudayisa izidakamizwa  

Lubhalwe nguTladi Moloi

Kushone umuntu oyedwa kwalimala abane esigamekweni sodlame esiqubuke phakathi komphakathi neqembu lezigelekeqe ezisolwa ngokudayisa izidakamizwa e-Bethlehem e-Free State ngoMsombuluko.

I-Scrolla. Africa saziswe ukuthi owesilisa (39) ubulawe ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwamalungu omphakathi ase-Bohlokong nabasolwa ngokuba onogada balowo oshushumbisa izidakamizwa.

Abanye abane baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala okuncane abakuthole ngenxa yezinhlamvu zenjoloba ezidutshulwe ngamaphoyisa ukuze kuhlakazwe isixuku.

Udlame luqale ngesikhathi umphakathi wase-Bohlokong nase-Barken Park ubuthana ngoMsombuluko ekuseni ukuze uqede  ubugebengu kanye nezidakamizwa endaweni.

Leli qembu limashele ukuyobhekana nomphathi waleliqembu lezidakamizwa owaziwa ngokuthi “uTshele” emphakathini.

Kodwa-ke, ngesikhathi umphakathi ufika lapho ehlala khona emijondolo yase-Captain Charles bebelindwe iqulu labesilisa abebehlomile okuthiwa iningi labo ngabahlali base-Lesotho.

Ngokwezibalo zofakazi ozibonele bekunabesilisa abangu-32 abebelindele isixuku esithukuthele.

NgoMfumfu nyakenye umphakathi owawuthukuthele ugane unwabu washisa ama-tuck-shop amathathu abantu basemazweni angaphandle, nomuzi nezimoto njengoba namanje ulwela udaba olufanayo. `

UMahadi Mashinini umholi womphakathi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi iqembu lazisa amaphoyisa ngaphambi kokubhekana nomholi weqembu.

“Mina ngokwami ​​ngikhulume namaphoyisa ekuseni, ngiwacela ukuthi afike nomphakathi lapho okuhlala khona abadayisa izidakamizwa, kodwa angitshela ukuthi ayesaba ukuya khona ngoba atshelwe ukuthi lo muntu usethole onogada abahlomile.”

Uthe baphoxekile ngalokhu base benquma ukuthi bazobhekana naye ngqo umholi walaba abadayisa izidakamizwa.

Uthe babalelwa ku-32 abesilisa abakade behlomile abasola ukuthi abahlali base-Lesotho, bebelinde ngaphandle komuzi womholi wabo ngesikhathi umphakathi uqhamuka.

“Ngeke siyeke ukulwa kuze kube sikhuculula idolobha lethu eseligcwele ubugebengu nezidakamizwa.”

USayitsheni Mahlomola Kareli, we-Corporate Communications and Liaison ehhovisini lesifundazwe ukuqinisekisile ukuthi kukhona umuntu oshonile, wengeza ngokuthi abantu abayisikhombisa baboshelwe udlame emphakathini.

“Isimo sishubile futhi amaphoyisa ophiko lwe-Public Order azulazula emigwaqeni ukuze agade udlame.”

Izihloko zakamuva