Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
IDiepsloot isiphinde yabhekana nobunye ubunzima ngesikhathi kudutshulwa kubulawa ngesihluku isisulu ezandleni zezigebengu ngoLwesine ebusuku. Omunye wesilisa usindile kodwa unamanxeba okudutshulwa.
Owesilisa obengakadalulwa udutshulwe wabulawa eDiepsloot extension-12 cishe ngabo-10 ebusuku.
Uyisisulu sesihlanu esidutshulwe sabulawa esikhathini esingaphansi kwesonto kulendawo.
NgoMgqibelo ebusuku abantu abane badutshulwe ezindaweni ezahlukene okwenze amaphoyisa aseGauteng aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa. Ayikacaci imbangela yokubulawa kwalezi zisulu.
Esitatimendeni samaphoyisa esikhishwe ngoMsombuluko, okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe: “Angeke kuqinisekiswe okwamanje uma lezi zigameko zingamataniswa nezigilamkhuba ezifanayo.”
UBrigadier Muridili unxuse umphakathi ukuthi usize amaphoyisa ukuze alandele umkhondo wabasolwa.
Ekhuluma ne-Scrollla.Africa, umholi weDiepsloot Community Forum uLoyiso Toyiya uthe awasekho amazwi okuchaza okwenzeka kuleli lokishi eligcwele ubugebengu.
“Sesikwenze konke. Sibe namamashi amaningi siya esiteshini samaphoyisa sendawo, emahhovisi amaphoyisa ezifundazwe ngisho nase-Union Buildings ngo-2023 akukho okushintshile. Sididekile futhi asazi senzenjani,” kusho uToyiya.
Esinye isakhamuzi sithe bekunequlu labesilisa abephethe izibhamu abangena umuzi nomuzi bedubula abantu.
Izakhamuzi eziningi zicela ukuthi kutshalwe amasosha endaweni ukuze azogada umuzi nomuzi namalungu omphakathi.
“Amasosha kumele eze eDiepsloot sekwanele manje,” kusho isakhamuzi.
“Yini umehluko phakathi kwethu nabantu base-Palestine? Sibulawa mihla namalanga futhi sihlala endaweni yempi.”
Khonamanjalo, inqwaba yezakhamuzi zaseDiepsloot zitheleke esontweni likaMfundisi uRose e-ext 9 enkonzweni yesikhumbuzo sika-Abel Sithole owaziwa ngelika-Absa. U-Absa ubengomunye wabantu abane abadutshulwe ngoMgqibelo ebusuku.
Uzongcwatshwa eLimpopo ngempelasonto ezayo.
Isithombe esingenhla: Umphakathi wase-Diepsloot ufuna kutshalwe amasosha edolobheni lawo.
Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga