Kushone oyedwa kusha inqwaba yemijondolo eThekwini

Kushone okungenani umuntu oyedwa kanti ingane ilahlekile ngemuva kokuqubuka komlilo emijondolo eku-Kennedy Road, eThekwini, KwaZulu-Natal ngeSonto ekuseni.

Kunokwesaba kokuthi kuzotholwa ezinye izidumbu njengoba kuneziqeshana zamavidiyo akhombisa imigwaqo egcwele imijondolo eshile. Kwezinye izindawo amalangabi avutha ngamandla kangangokuthi amashidi kathayela ayasonteka futhi ayasha.

Abezicishamlilo baqale baphendula izingcingo ngabo-3.00 ekuseni. Imbangela yomlilo ibingakaziwa kodwa abazibonele ngawabo bathi umlilo uqale ngesikhathi amadoda amabili angaziwa exabana ngemuva kokudakwa utshwala ebusuku.

Ikhansela laku ward 25 uSiboniso Sibisi utshele i-News24 ukuthi “kunezinsolo zokuthi kukhona oqale umlilo ngamabomu endlini yomuntu abexabene naye.

Kulinganiselwa ukuthi abantu ababalelwa ku-3,000 basale dengwane ngenxa yalo mlilo. Abakwa-Gift of the Givers nabakwa-South African Red Cross bafikile endaweni yesigameko besiza izisulu.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Izinsalela zemijondolo ecekelwe phansi umlilo eThekwini oshiye abantu ababalelwa ku-3 000 bengenamakhaya.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva