Everson Luhanga
UBongimusa Mzobe ubekezele isikhathi eside ehlukunyezwa ngaphambi kokuba ashone.
Isitho sakhe sangasese besiboshwe ngezingcingo. Kanjalo nezingalo kanye nemilenze yakhe.
Icala lakhe kube ukwehluleka ukukhokhela iqembu lezigebengu okusolwa ukuthi lidayisa umhlaba okungesiwo owazo, ngemali eyi-R5,000.
Iqembu lamadoda ayisishiyagalombili liyaziwa emphakathini waseTembisa ngokuphoqa abantu ukuthi bakhokhe ngokwakha imijondolo endaweni evulekile.
Abane balaba bantu kuze kube manje baboshiwe bathweswa amacala okubulala.
Umzala kaBongimusa, uXolani Mvandaba, uthe laba bobabili bahlala emjondolo owodwa kodwa uthi uyaphila namhlanje yena ingoba ngosuku abafika ngalo laba bantu wayengekho eyovakashela intombi yakhe kwelinye ilokishi.
UXolani oneminyaka engama-30 uthe ukube lamadoda amfica naye ekhaya ubengeke avume ukuthi axoshwe futhi lokho bekungaholela ekutheni ahlukunyezwe abulawe.
“Laba bantu babulale umzala wami njengesilwane ngenxa nje yokwakha umjondolo nokungabi nayo imali yokubakhokhela,” esho.
Uthe ofakazi abazibonele bamtshele ukuthi la madoda ayisishiyagalombili abephethe izikhali okubalwa ama-sjambok, izinduku, amatshe kanye nezingcingo.
“Ngesikhathi uBongimusa emelana nokuxoshwa futhi ebatshela ukuthi akanayo imali bamkhumule waba nqunu, bambopha isitho sangasese ngezingcingo base beqala ukumshaya,” kusho uXolani.
“Uzwe ubuhlungu isikhathi esingaphezu kwamahora amahlanu waze washona.”
La madoda amane avele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa mhla zingama-23 kuNhlangulana lapho anqatshelwe khona ibheyili.
UXolani uthe la madoda abesabisa abantu abaningi endaweni.
“Bebelokhu behlasela abantu abangenayo imali futhi bexosha abesifazane abangakwazi ukuzivikela,” kusho uXolani.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni uKay Makhubele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti abasolwa bazovela eNkantolo yaseTembisa mhla zi-6 kuNtulikazi ngemuva kokunqatshelwa ibheyili.