Kushone owesifazane ngemuva kokuhlaselwa ushaka

Kamogelo Olaitan

Owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala waseKapa ubulawe ushaka olwandle e-Plettenberg Bay ngeSonto ekuseni.

UCraig Lambinon we-National Sea Rescue Institute (NSRI) uCraig Lambinon uqinisekise isigameko wathi lokhu kwenzeke ngaphambi kwehora lesishiyagalombili ekuseni.

“Amaphoyisa kanye ne-NSRI babikelwe ngokuhlaselwa kowesifazane elunywa ushaka kwase kwenziwa imizamo yokumuhlenga. Ngesikhathi befika endaweni yesigameko kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-39 ubudala eKapa,” kusho uLambinon etshela i-Algoa FM.

Ulwandle kule ndawo livaliwe.

Kuvulwe idokodo lophenyo.

Izihloko zakamuva