Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Owesifazane oneminyaka engu-50 ubudala ubulawe etekisini ngesikhathi eya emsebenzini ezintatha zangoLwesibili eNyanga, eKapa.
Ngemuva kwesigameko sokudubula ngezithuba zabo-07:00 umshayeli wetekisi uphuthu me esiteshini samaphoyisa eNyanga nowesifazane oshonile ngemuva.
Ilungu lomndeni eligodlile igama lalo lithe: “Asiphathekile kahle futhi ngeke sisho lutho manje, kodwa udadewethu ubeyemsebenzini.
“Imoto yohlobo lweToyota Avanza bekuyimoto ethutha abasebenzi ejwayele ukumlanda. Imlande eGugulethu, ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko endaweni yaseNyanga bebezolanda omunye umsebenzi.
Isakhamuzi saseNyanga uLulamile Somtshu uphatheke kabi ngento eyehlele lo Mndeni.
“Ngiyabucabanga ubuhlungu ababuzwayo njengamanje, cabanga uthole ucingo lukwazisa ukuthi isihlobo sakho ebesiyosebenza sesishonile.
“Uphila kanjani kulokho? Kuyacaca ukuthi lo wesifazane udutshulelwe into angayazi nakwazi,” kusho uLulamile.
Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNyanga aphenya icala lokubulala.
“Abesilisa abangaziwa badubule emotweni,” esho.
Abebehlomile babaleke endaweni yesigameko, uphenyo lusaqhubeka.
“Umphenyi wecala uzolandela yonke imininingwane edingekayo ukuze aqinisekise impumelelo,” kwengeza uSwartbooi.
Isithombe esingenhla: Owesifazane oneminyaka engu-50 ubudala, obehamba ngemoto yohlobo lweToyota Avanza, udutshulwe washona ngesikhathi imoto ihlaselwa abesilisa abebehlomile elokishini laseNyanga, eKapa.
Umthombo: Buziwe