Kushone owebhola kuzamazama umhlaba eTurkey 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Unozinti we-Yeni Malatyaspor u-Ahmet Eyup Turkaslan ushonile ngemuva kokuzamazama komhlaba okuhlasele i-Turkey ngoMsombuluko, kumemezela iqembu.

Iqembu le-Malatyaspor labelane ngalezi zindaba ekhasini lalo laku-Twitter: “Unozinti wethu u-Ahmet Eyup Turkaslan ushonile ngemuva kokuba ngaphansi kwemfucuza kulandela ukuzamazama komhlaba.

“Lala ngoxolo. Ngeke sikukhohlwe ubungumuntu olungile.”

Lo mdlali (28) udlale kabili kule sizini eqenjini elidlala esigabeni sesibili. Ubengomunye wezisulu eziningi zenhlekelele yemvelo eyenzeke e-Turkey nase-Syria.

Lo nozinti uchithe wonke umsebenzi wakhe ezweni lakubo edlalela i-Bugsasspor, i-Osmanlispor kanye ne-Umraniyespo ngaphambi kokudlulela kwi-Yeni Malatyaspor.

UTurkaslan ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uKubra osinde ngokulambisa ngesikhathi kunokuzamazama komhlaba okungu-7.8 magnitude.

Babalelwa ku-12 000 abantu asebeshonile ngenxa yale nhlekelele, kanti kulindeleke ukuthi lesi sibalo sikhule njengoba ezinye izidumbu zisaqhubeka nokutholakala.

Lonke ibhola elikhokhelwayo e-Turkey lisamisiwe phakathi nale nkinga.

Esithombeni esingenhla: U-Ahmet Turkaslan

Umthombo wesithombe: @FIFPRO

Izihloko zakamuva