Umama wezingane eziyisithupha wase-Kenya owashiya umshado wakhe weminyaka engu-20 nyakenye “washada” noMoya oNgcwele utholakale eshonile ehlathini.
Isidumbu sika-Elizabeth Nalem ebesesiqala ukubola sitholwe ngoMgqibelo, kubika iphephandaba i-The Star.
Ngokusho kwamaphoyisa, u-Elizabeth uphume ekhaya wanyamalala ehlathini ephethe ucelemba nenduku. Sekuqalwe uphenyo ukuze kutholakale ukuthi uhlaselwe yizilwane yini kuleli hlathi.
NgoNhlaba nyakenye, u-Elizabeth, isikhulu somkhandlu edolobheni lase-Makutano e-West Pokot County, waba sematheni ngesikhathi ezibophezela emshadweni noMoya oNgcwele emcimbini obuwubukhazikhazi obuhanjelwe ozakwabo nosomabhizinisi besifazane, kanye nowayengumyeni wakhe uJoshua Nalem.
UJoshua wabuka ethukile ngesikhathi umkakhe, egqoke ingubo yomshado, ethi “Ngiyavuma” kuMoya oNgcwele emcimbini obuholwa uMfundisi u-Albert Rumaita weBandla laseSheshi. Ngemuva komcimbi u-Elizabeth wamemezela ukuthi uzoya kwi-honeymoon e-Uganda.
Umyeni wakhe watshela izintatheli ukuthi uzame kaningi ukuvimba unkosikazi wakhe ukuthi ahambe kodwa wanqaba.
U-Elizabeth ubefuna ukwenza umcimbi esontweni lakhe kodwa izikhulu zesonto zasenqaba isicelo sakhe.
Umfundisi uRumaita, obehlela futhi oxhase lo mshado, uthe “Ngithathe isinqumo sokuthi ngengamele, ngihlele futhi ngixhase lo mshado ngoba kungenzeka ukuthi umhlaba usuzophela.
Ngandlela thize, umhlaba usufinyelele esiphethweni – ngokuka-Elizabeth Nalem.