Kushone obefunwa amaphoyisa ngamacala okubulala 

Lubhalwe nguLungi Langa

Kushone osolwa ngokuba inkabi yosomatekisi futhi obesohlwini labantu abafunwa kakhulu amaphoyisa akwa-SAPS ngesikhathi edubulana namaphoyisa eThekwini.

Amaphoyisa athole uSizwe “Maqhinga” Langa (35) ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwe-Rapid Rail Police Unit kanye nethimba lesifundazwe i-Investigations and Tracking Task beqhuba umkhankaso wobunhloli e-Sea View. Bamthole emzini oku-Braid Avenue, ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe ngesikhathi umsolwa obesembonini yamatekisi e-South Coast ebona ukuthi kukhona amaphoyisa, udubule ebhekise kuwona kanti nawo awachithanga sikhathi adubula ebhekise kuye kwaphetha ngokuthi adubuleke ashone.

Utholwe nesibhamu sohlobo lwe-9mm ebesihlikihlwe inombolo nezinhlamvu.

UNetshiunda uthe umsolwa ubefunwa kakhulu ngamaphoyisa mayelana nezigameko ezahlukene zokubulala e-South Coast.

“Umsolwa ubethungathwa ngamacala ayisithupha okubulala ahlobene namatekisi e-Scottburgh namabili eMbumbulu. 

Udaba ludluliselwe ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa e-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Kusolwa ukuthi umsolwa ubephakathi kwesibalo esingaziwa sabasolwa ngokudubula babulale abesilisa abane aphakathi kweminyaka engu-30 no-43 ngoLwesine ntambama ngesonto eledlule.

Kukholakala ukuthi laba besilisa bahlaselwe behleli emotweni emgwaqeni ophumayo eDududu ku-N2 obheke enyakatho ngesikhathi ezithela phezu kweveni elimhlophe eliyi-double cab ahlaselwa yimvula yezinhlamvu. Abesilisa abathathu bashonele khona lapho.

Omunye wabasolwa ngokubulala ushonile esibhedlela.

Omunye umlisa odutshulwe esigamekweni sangoLwesine wabe eselulama esibhedlela uqashwe ngamaphoyisa njengoba kwatholakala ukuthi usohlwini lwabafunwa amaphoyisa ngecala lokubulala elenziwa e-Harding ngoNhlolanja ngo-2020.

UNetshiunda uthe amadoda amabili abulawe ngoLwesine ngabanikazi bamatekisi endawo.

“Imbangela yalokhu kubulala ibingakaziwa kodwa udlame oluhlobene namatekisi lusekude ukuphela.”

UNobhala we-South African National Taxi Council (Santaco) esifundeni Ugu, uMnu Richard “Rich” Mchunu, uthe bebengazi ngezigameko ezithinta amatekisi nalezi zigameko zakamuva.

Uthe ukube kukhona izigameko zodlame ezithinta imboni yamatekisi ngabe bazisiwe futhi besizodlulisa kahle ulwazi olugcwele.”

UMchunu uthe babheke ngabomvu ukubona ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzovezani mayelana nalezi zigameko.

Isithombe esingenhla: Kutholwe isibhamu kulowo okusolwa ngokuthi uyinkabi yosomatekisi oshone ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eThekwini.

Umthombo wesithombe: Saps

Izihloko zakamuva