Lubhalwe nguZukile Majova
UNgqongqoshe wezeMfundo, ezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka eGauteng, uMatome Chiloane uziqinisekisile lezi zindaba ezibuhlungu.
Abafundi abangu-11 besikole samabanga aphansi eRocklands kanye noyedwa umfundi waseLaerskool Blyvooruitsig eCarletonville, kanye nomshayeli wabo bashone engozini ehlasimulisayo.
“Ekuseni uMnyango uthole umbiko odabukisayo ovela kwizikhulu ukuthi ikhumbi ethutha abafundi ibandakanyeke engozini enyantisayo endaweni yaseKokosi-Wedela eMerafong, kwashona abafundi abangu-12 nomshayeli wabo.
“Phezu kwalokho, abanye abafundi abayisikhombisa (7) baphuthunyiswe esikhungweni sezempilo ukuze bathole usizo oluphuthumayo.”
Kuze kube manje izikhulu zithi imoto yokuthutha abafundi ishayiswe yiveni ngemuva, yagingqika yabe isivutha.
Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-06h45 kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo mayelana nalesi sigameko esibanga usizi.
Maphakathi nasekuseni, amathimba eseka ngokwengqondo nenhlalakahle abekhona esikoleni enikeza ukwelulekwa ngokwengqondo kubafundi namalungu omndeni athintekile.
“Ngiphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko esibuhlungu. Ukulahlekelwa yizingane zethu kubuhlungu kakhulu emphakathini wakithi, futhi imicabango nemikhuleko yethu isemindenini yabashonile nabafundi abalimele.
“Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani, kanye nomphakathi wezikole zombili ngalesi sikhathi esinzima ngendlela emangalisayo futhi sifisela bonke abafundi abalimele ukululama okusheshayo,” kusho uNgqongqoshe uChiloane.