Kushone izingane ezintathu ngemuva kokudla ama-noodles

Sandiso Phaliso

Izelamani ezimbili ezineminyaka eyisikhombisa noneminyaka eyishumi nanye kanye nomzala wazo onezinyanga ezine zishonile ngemuva kokudla ama-noodles.

USinothando Ngwendu, u-Olwam Ngwendu no-Athenkosi Ngwendu base-Motherwell e-Gqeberha, bebevakashele izihlobo zabo e-New Brighton ngoMgqibelo lapho bethenge khona ama-noodles.

Konke bekuhamba kahle baze babuyela emzini wabo e-Motherwell ngeSonto.

USnothando waqala wacanuzela inhliziyo ugogo wakhe wamphuzisa amanzi. U-Olwam wabe esekhala ngamajaqamba esiswini kanye nesicanucanu.

Bazama ukubaphuthumisa  esibhedlela, kodwa bashonela endleleni.

U-Athenkosi obesele ekhaya naye waqala wakhala ngesisu bamphuthumisa esibhedlela, kodwa naye washonela endleleni.

Umalumekazi wezingane uNokubonga Ngandwu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akafuni ukuqagela ngembangela yokushona kwezingane njengoba uphenyo lusaqhubeka.

“Silinde umbiko wokuhlolwa kwesidumbu,” kusho umalumekazi.

“Izingane zihambe kahle ngoMgqibelo, kodwa zithe zifika ekhaya ngeSonto zavele zakhihliza amagwebu kwacaca ukuthi kukhona okushaya amanzi,” kuqhubeka umalumekazi.

“Kube yisigameko esibi lesi. Sizizwa sikhungathekile.”

Okhulumela amaphoyisa uColonel uPriscilla Naidu uthe kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwabo kanti kuvulwe nedokhethi lophenyo.

Izihloko zakamuva