Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Kubikwa ukuthi kushone izingane ezine esibhedlela sesifunda iThelle Mogoerane e-Vosloorus njengoba iziteleka zemiholo zithinta izidingongqangi ezweni lonke.
Cishe zonke izinsiza kulesi sibhedlela saseGoli lokhu zama kusukela ngesonto eledlule nokuyinto eshiye iziguli eziningi zinganakekelwa ngendlela efanele. Ukuntuleka kosizo olufanele lwezokwelashwa kuholele ekutheni kushone izingane ezine ezisanda kuzalwa ebezidinga usizo lwezokwelashwa oluphuthumayo.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla evakashele esibhedlela esihlaselwe isiteleka ngoMsombuluko ekuseni, uthe bathathu kuphela abahlengikazi abakwazile “ukunyonyoba” bangene esibhedlela ukuze banakekele izingane ezigulayo ezingu-50 ewodini.
“Ngesikhathi ngilapha ngoMgqibelo bekunamawodi lapho obekunezingane ezingu-50 ebezinakekelwa ophikweni lwezingane ezisanda kuzalwa, kanti ngokuvamile kuba nabahlengikazi ababalelwa ku-20 kodwa bathathu kuphela abakwazile ukunyonyoba bangene esibhedlela,” kusho yena etshela abezindaba ngaphandle esibhedlela.
“Ngakho ungacabanga ukuthi ezinye zazo izingane ezizalwa ngaphambi kwesikhathi ezidinga ukunakekelwa okuningi nokuthi cishe njalo ngemuva kwemizuzu embalwa othile kufanele azihlole,” esho.
Ukubhekana nezinkinga eziphuthumayo, abahlengikazi abangu-20 bakwa-SANDF batshalwe esibhedlela iThelle Mogoerane ukuze babhekane neziguli ezidinga usizo lwezokwelashwa oluphuthumayo.
Umphakathi wase-Vosloorus nawo usunxuswe ukuthi uthathe izinyathelo ukhiphe abathandiweyo babo esibhedlela noma ulekelele labo abangakwazi ukuphuma ngenxa yesimo sabo sokugula.
Umholi womphakathi wakule ndawo uchaze isimo ngaphakathi njengesibi nesingenabuntu.
Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa uthe “Ezinye iziguli zishonile noma sezisondele ekushoneni. Ngenxa yesiteleka abaningi abakwazi ukuyiswa emakhazeni kazwelonke ngakho bavele bashone bayekwe kanjalo emibhedeni.
“Ngesonto eledlule ngithumele isicelo kwamanye amalungu omphakathi, izinhlangano ezizimele zendawo kanye nakubaholi bomphakathi ukuthi beze bazosiza noma ngabe ngokukhucululwa kwendle nokuhlanza noma ukuhlinzeka iziguli ngokudla.”
Esithombeni esingenhla: Isibhedlela sesifunda iThelle Mogoerane e-Vosloorus
Umthombo wesithombe: Khaya Ndaba