Lubhalwe nguTladi Moloi
Kushone izingane ezimbili kanti ezintathu zilwela izimpilo zazo esibhedlela ngemuva kokudla ukudla okunoshevu okuthiwa zikuphiwe ngowayengumyeni kamama wazo.
Izingane ezinhlanu okuhlanganisa izelamani ezimbili ziqale ukuhlushwa isisu esingabekezeleleki ngemuva kokudla ukudla okunoshevu ngoLwesine e-Platberg, elokishini lase-Manyatseng eFree State.
Amaphoyisa athi izingane zidliswe ukudla kwerayisi, inyama nemifino obekufakwe kwisitsha sikapulasitiki.
UReabetswe Ntahane noKarabo Modise, oneminyaka emihlanu neyisishiyagalolunye ubudala ngokulandelana kwabo bashona ngemuva kwesikhashane bedle ukudla, kanti izingane ezintathu ezisele zelashwa esibhedlela e-Bloemfontein.
UMoleboheng Ntahane ongubabekazi wezisulu ezintathu. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izingane ezimbili ezisele ngezikamngani kadadewabo.
Uthe udadewabo nomngani wakhe bashonelwe ingane umuntu ngamunye.
“Udadewethu usesibhedlela nezingane zakhe ezineminyaka engu-16 neneminyaka eyisikhombisa ubudala, kanti umngani wakhe unakekela ingane yakhe oneminyaka emithathu.”
Uthe umndeni awukholwa namanje ngokwenzekile.
“Angazi ngempela ukuthi yini ebingabulala izingane ngoba ngishayelwe ucingo ebusuku ngafika ngesikhathi udadewethu esehambise ezinye izingane esibhedlela ngesikhathi ngifika ezinye bese zishonile.”
UWarrant Officer Mmako Mophiring wamaphoyisa e-Saps Corporate Communication and Liaison Service esifundeni iThabo Mofutsanyana, ukuqinisekisile ukuthi kushone izingane ezimbili kanti amaphoyisa avule idokodo ukuze kuphenywe.
Amaphoyisa abengakabophi muntu.
“Amantombazane akhale ngezinhlungu esiswini ngemuva kokuchaza ukuthi zidle ukudla okuvela emzini oseduzane e-Platberg, elokishini lase-Manyatseng, abakuphiwe ngowayengumyeni kanina obekufakwe kwisitsha sapulasitiki.”
UMophiring uthe kamuva ngalobo busuku, abazali babo babiza i-ambulensi base bengeniswa esibhedlela sendawo lapho ababili babo bashonela khona.
Enye ingane iphuthunyiswe esibhedlela sasePelenomi e-Bloemfontein kanti ababili basesesibhedlela.
“Ukudla kuthathiwe ukuze kuhlolwe kabanzi okuzoholela ekutheni kutholakale ukuthi ubukhona yini ushevu,” kusho uMophiring.
Isithombe esingenhla: ILadybrand e-Free State
Umthombo Wesithombe: Twitter