Kushone isosha lakuleli eDRC 

Umshayeli wendiza wakuleli ukwazile ukushayela indiza enophephela emhlane ukuze afike endaweni ephephile ngemuva kokudubuleka ehlombe ngesikhathi kudutshulwa ibhanoyi lakuleli e-Democratic Republic of Congo.

Elinye isosha lilimale endaweni ebucayi lashona ngemuva kokuhlaselwa okwenzeke ngoLwesine ngesikhathi indiza enophephela emhlane i-Oryx indiza phezu kwedolobha lase-Goma.

Ngemuva kokulimala kanzima umshayeli wendiza ongadalulwanga igama lakhe ukwazile ukuhlalisa indiza enophephela emhlane esikhumulweni sezindiza e-Goma.

Okhulumela i-SA National Defence Force (SANDF), uSiphiwe Dlamini usiqinisekisile lesi sigameko wabe esetshela i-News24 ukuthi: “I-SANDF isezinhlelweni zokwazisa amalungu omndeni ngamasosha abandakanyeka kulesi sigameko esingesihle.”

UNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise kanye nomphathi we-SANDF, uGeneral Rudzani Maphwanya, badlulise amazwi enduduzo emndenini wesosha elishonile.

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Isithombe singenhla: Indiza enophephela emhlane i-Oryx

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva