Kushone isosha elilodwa, amabili alimala ehlaselwa

Karabo Rammutla

Isigameko sokudubula esingaqondakali ngoMgqibelo sishiye kushone isosha elilodwa, amanye amabili alimala.

Lamasosha abengekho emsebenzini adutshulwe e-Atteridgeville, entshonalanga ne-Tshwane.

Womathathu abendawonye ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Okwamanje akwaziwa ukuthi lokhu kuhlasela kuqhamuke kuphi nokuthi ngobani abathintekayo.

Okhulumela i-South African National Defence Force uBrigadier General Andries Mahapa uthe amaphoyisa ayaluphenya lolu daba.

UMahapa uthe amasosha amabili asinde kulesi sigameko aphuthunyiswe esibhedlela i-1 Military Hospital e-Thaba Tshwane.

Uthe imbangela yokuhlasela ibingakaziwa.

“Okwamanje asinaso isiqiniseko ngokuthi kwenzekeni, kodwa igama lesosha elishonile lizoqinisekiswa uma umndeni usuwazisiwe.” UMahapa uthe akwaziwa ukuthi amasosha mhlawumbe abebanjwa inkunzi yini.

“Okwamanje asikho isiqiniseko sokuthi kukhona yini isikhali esithathiwe. Nokho siyethemba ukuthi i-SAPS izoliphothula maduze lolu daba ukuze kubanjwe abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho. 

UMahapa uthe uNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise kanye nesekela lakhe uThabang Makwetla badlulise amazwi enduduzo emndenini wesosha elishonile.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Atteridgeville.

“Akukaboshwa muntu, uphenyo lusaqhubeka,” kusho uMasondo.

Izihloko zakamuva