Kushone isoka elinobuqhawe livikela intombi yalo

Everson Luhanga

Ngesikhathi intombi yakhe ifika ekhaya ivela emsebenzini ikhala, yatshela isoka layo ukuthi ibanjwe inkunzi yakhonjwa ngesibhamu, isoka lathukuthela lagana unwabu lifuna ukuziphindiselela. 

UJustice Nobela uthathe ummese ekhishini wahamba wayozingela la madoda ahlomile abesanda kubamba inkunzi intombi yakhe.

Kodwa isifiso sikaJustice sobulungiswa simlahlekisele ngempilo yakhe.

Zona lezi zigelekeqe zimdubule washona.

UBongiwe Gwamanda uchaze ukuthi ubanjwe inkunzi wakhonjwa ngesibhamu ngamadoda amabili abehlomile ngemuva kokuba ehle etekisini e-Braamfischerville, e-Soweto.

UBongiwe uthe uzamile ukumtshela ukuthi angahambi ngoba la madoda abehlomile futhi eyingozi.

“Kodwa uphume ngejubane endlini ngamlandela,” kusho yena.

Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko, bathole isikhwama sikaBongiwe singenalutho silahlwe emgwaqeni. Laba bantu bebesekhona bakhomba lezi zithandani ngezibhamu.

“UJustice uhambe wayocela usizo kanti amalungu omphakathi abalelwa kwangama-30 ​​asijoyina ukubheka izigebengu ebezisabisa umphakathi,” esho.

“UJustice ubehola umphakathi ephethe ummese wakhe ngesandla ehamba phambi kwesixuku.”

Kodwa-ke bezwa kuqhuma isibhamu.

“Sonke sabalekela ukuyocasha ehlathini,” kusho yena.

“Kodwa ngesikhathi sesihlangana kabusha, sibone ukuthi uJustice akasekho.”

Uthe bamfice elele eshonile, ephethe ummese wakhe esandleni.

“UJustice udutshulwe yizigebengu lezi ezingibambe inkunzi,” kusho uBongiwe.

Uthe kubuhlungu ukwazi ukuthi uJustice ubelwela yena.

“Ubengithanda. Ngiyazi ukuthi wangifela,” kusho yena.

UBongiwe uthe njalo uma ebuya emsebenzini edlula lapho okwenzeke isigameko, izinkumbulo zosuku ziyabuya futhi akalali ebusuku.

Ikomidi lesigceme kanye noMphathi Wezokuphepha Komphakathi uJoel Mabaso bathe abanye abantu abathathu kubikwe ukuthi babanjwa inkunzi ngobusuku obubodwa uBongiwe abanjwa ngabo inkunzi okuholele ekubulaweni kukaJustice.

I-EFF isamukele isinqumo sikahulumeni wase-Burkina Faso sokushushisa lowo owayeyisiqhwaga uBlaise Compaoré ngokubulala uThomas Sankara.

Izihloko zakamuva