Kushone isigebengu ebesibalekela umthetho kudutshulwana namaphoyisa 

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Kushone owesilisa obefunelwa amacala angu-17 okubalwa awokubulala nokubamba inkunzi ngesikhathi edubulana namaphoyisa esigodini sase-Ga-Komape.
  • Umsolwa, (36), ubeseneminyaka ebalekela umthetho ngaphambi kokuthi amaphoyisa amfice.

Amaphoyisa adubule abulala owesilisa obefuneka ngecala lokubulala, ukubamba inkunzi nokuduna imoto ngesikhathi kunesigameko sokudubulana e-Limpopo ngoLwesibili.

Umsolwa, (36), obefunelwa amacala angu-17, ushonele e-Ga-Komape village e-Moletji ngaphandle kwase-Seshego ngemuva kokuthi eqale wadubula ebhekise emaphoyiseni.

Ubesecashe endaweni yase-Seshego iminyaka ebalekela umthetho.

“Amalungu e-Mopani District Highway Patrol, i-Mopani Tracking Team, amaphoyisa ase-Seshego, namanye amaphoyisa e-SAPS aqhube umkhankaso wobunhloli ukuze kubanjwe umsolwa,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uLieutenant Colonel Stephen Thakeng.

Ngesikhathi amaphoyisa efika lapho abecashe khona umsolwa uqale wadubula ebhekise kuwo. Amaphoyisa amdubula ambulala.

UThakeng uthe bathathe isibhamu somsolwa oshonile nemoto.

Umsolwa ubefunelwa amacala amathathu okubulala, amane okuzama ukubulala, awokuduna imoto, awokugebenga amabhizinisi ayisishiyagalombili kanye nokucekela phansi impahla.

Abe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) baye endaweni yesigameko ukuyophenya ngesigameko sokudubula.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, uncome ithimba le-Mopani Tracking Team namaphoyisa ase-Seshego ngokusebenzisana ukuze kubanjwe umsolwa.

Amaphoyisa asaphenya icala.

Esithombeni esingenhla: Indlu okutholwe kuyo umsolwa. 

Umthombo wesithombe: Limpopo SAPS

Izihloko zakamuva