Kushone iphoyisa lidubulana nezigebengu ebeziphanga imali

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa ngesikhathi lidubulana nezigebengu ebezizama ukubamba indawo yemali e-East London.

Isigameko sokuzama ukugetshengwa senzeke ngehora leshumi ngoMsombuluko ebusuku emahhovisi onogada akwa-Fidelity e-Westbank.

Iphoyisa elishonile beliyilungu le-Public Order Police Services, kanti abanye onogada ababili nabo abadutshuliwe bayalulama esibhedlela e-East London.

Okhulumela oKlebe e-Eastern Cape, uKaputeni Yolisa Mgolodela ukhulume ne-Scrolla.Africa.

“Lobu bugebengu bubandakanya izimoto ezingamaveni ezine kodwa kusale ama-Ford Rangers amabili ngesikhathi kudutshulwana. Izigebengu ziye kulesi sikhungo namabhomu ngenhloso yokuwaqhumisa, kodwa zabanjwa nokuyilapho kuqhume khona isibhamu.”

Selokhu kuvele lezi zindaba uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape, uXolile Nqatha udlulise amazwi enduduzo emndenini welungu lamaphoyisa elibulewe.

Esithombeni esingenhla: Izimbobo zezinhlamvu emotweni edutshulwe ngesikhathi kudubulana amaphoyisa nezigebengu e-East London

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva