Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amadoda abehlomile adubule amaphoyisa amabili abengekho emsebenzini e-Vosloorus e-Ekurhuleni, kushone elilodwa elinye lalimala.
Kushone iphoyisa elilodwa lase-Ekurhuleni kanti elinye lilwela impilo yalo ngemuva kokuba amadoda abehlomile ebahlasele e-Vosloorus ekuseni ngeSonto.
Abahlaseli badubule la maphoyisa abengekho emsebenzini ekhoneni eNguza Road nePelser Bridge e-Extension 25 ngezithuba zabo-03:00, base beba imoto abebehamba ngayo.
Ufakazi ongathandanga ukungadalulwa igama uthe uzwe ukuqhuma kwesibhamu.
“Bekunegobolondo le nhlamvu endaweni yesigameko,” esho. “Ngesikhathi ephuthuma ukuyobheka uthole abantu ababili belele eceleni komgwaqo.”
Abezimo eziphuthumayo baveze ukuthi iphoyisa elilodwa selishonile khona endaweni yesigameko. Elinye liphuthunyiswe esibhedlela i-Alberton.
Amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi athole imoto yephoyisa elishonile iHyundai Tucson ngaseThelle Mogoerane Regional esibhedlela eLeondale inembobo yenhlamvu efasiteleni lomshayeli.
Akekho osaboshiwe kanti nembangela yokuhlaselwa kwabo ibingakaziwa.
Ibamba loMkhuzi wamaPhoyisa uJulius Mkhwanazi ukhulume ngalokhu kuhlasela.
“Sithemba ukuthi labo abenze lobu bugebengu obunyantisayo bazoboshwa babhekane nemiphumela yecala abalenzile.
“Siyi-EMPD sidlulisa amazwi enduduzo emindenini futhi sifisela iphoyisa elilodwa ukululama okusheshayo,” kusho uMkhwanazi.
Esithombeni esingenhla: Imoto yephoyisa elishonile inembobo yenhlamvu efasiteleni lomshayeli.
Umthombo: Sithunyelwe
