Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Intombazane eneminyaka engu-9 ubudala ishonile kwathi ezinye izingane eziyisithupha zagula ezigamekweni ezimbili ezihlukene ngemuva kokudla ukudla okulula okuthengwe ezitolo zasendaweni eQonce, e-Eastern Cape ngoLwesine.
U-Anothando Kwindla ofunda uGrade 4 eNgqika Primary, eZwelitsha, ugule eqeda ukudla ama-chips abethengwe ngugogo wakhe.
“Ngibenzele ipharishi bengakayi esikoleni ngabanika ama-chips ukuthi bawaphathe esikoleni. Ngizwe ngezinye izingane abehamba nazo ngemoto ebalandayo ukuthi ubedla ama-chips ngesikhathi besalinde imoto. ” kusho ugogo uThelma Stuurman.
Ngokushesha othisha ufike wazomtshela ukuthi u-Anothando usemtholampilo.
“Siphuthume emtholampilo kuthe kungakapheli imizuzu embalwa kwaphuma umhlengikazi wasitshela ukuthi u-Anothando useshonile,” kusho ugogo obezwa ubuhlungu.
UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade ukuqinisekisile ukushona kwengane kulesi sigameko.
“Umbiko wesifunda uthi umfundi uqale ukuphalaza esanda kufika ekilasini ekuseni, othisha baphuthuma bezomsiza. Umfundi uphuthunyiswe emtholampilo kanti kubikwe ukuthi useshonile ngabo-8:40,” kusho uGade.
Ngalo lolo suku, abafundi abayisithupha baseLuzuko Primary School, eSweetwater, bahlaselwe ukugula ngemuva kokudla ukudla kwasesitolo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMkhululi Ndamase uthe baphuthunyiswe esibhedlela iGrey benenkinga yokuphefumula, isicanucanu, ukuhlanza nokuhuda.
Lokhu kulandela ukushona kwakamuva okumataniswa nokudla ukudla okulula kwasezitolo eNingizimu Afrika yonkana. NgoMgqibelo, ingane eneminyaka engu-10 ubudala ishone e-Alexandra, eGoli, kanti unina nomfowabo balaliswe esibhedlela.
Izingane eziyisithupha nazo zishone esimeni esifanayo eSoweto muva nje.
Esithombeni esingenhla: U-Anothando Kwindla oneminyaka eyisishiyagalolunye oshone ngemuva kwezinsolo zokuthi udle ama-chips espaza sendawo.
Umthombo: Sithunyelwe
