Elmon Tshikhudo
UMulaedza Ratombo oneminyaka eyi-13 ubebukeka njengayo yonke enye intombazane enguntanga wakhe futhi kungekho okumkhathazayo.
Umama wakhe kanye nezingane zakubo babengazi ukuthi kunento embi eyenzekayo.
Kodwa ubegcine imfihlo – futhi ubesaba isihlobo sakhe esidala kangangokuba ubengakwazi nokumbheka emehlweni.
UMulaedza ubenengcindezi enkulu waze waphuthelwa yimishanguzo yakhe yansuku zonke yesifo sikashukela – njengamanje akasekho emhlabeni kanti indoda isesejele ibhekene necala lokudlwengula.
NgoLwesihlanu lo mfundi ofunda ibanga le-8 e-Mushaathama Secondary School e-Tshavhalovhedzi, e-Makhado, e-Limpopo wenze into angakaze ayenze phambilini. Akazange afike ekhaya ngesikhathi esijwayelekile.
Ubengumuntu onesifo sikashukela obekufanele aphuze imishanguzo yakhe ngesikhathi esithile kodwa ngalolo suku wayengakaze ayiphuze. ULivhuwani Thathaisa umama wentombazane, akazange aye emsebenzini wakhe wangoLwesihlanu ebusuku emakhazeni asendaweni. Kunalokho wayehamba ebheka indodakazi yakhe wagcina eyithole icashe ngemuva kwendlu yangasese.
ULivhuwani wamncenga ukuthi eze endlini kodwa wahlala ngaphandle ekhala.
“Kamuva ubesethi uya esiteshini samaphoyisa kodwa akazange asho ukuthi kungani. Umfowabo omdala uhambe naye lapho afike atshela khona amaphoyisa ukuthi udlwengulwe ephindelela kusukela ngonyaka odlule,” kusho yena.
ULivhuwani ubizelwe esiteshini samaphoyisa lapho atshelwe khona ukuthi kuqhubekani.
Amaphoyisa athathe indodakazi yakhe bayiyisa esibhedlela sendawo lapho ingeniswe khona – kepha yashona ngoLwesibili ebusuku.
“Indodakazi yami ngabe ayishonanga ukube yathatha imishanguzo yayo. Yayingeke ikwenze lokho njengoba ibisaba lesi silwane sasekhaya. Ibingakwazi ngisho nokukhuluma nami ngoba isaba ukubulawa,” kusho uLivhuwani.
“Ngifisa sengathi bengamvalela unomphela,” esho.
USihlalo we-South African Youth Against Crime, uJosias Simango uzwakalise ukushaqeka kwakhe ngalesi sigameko.
“Sikhathazekile kakhulu ngokwanda kwezigameko zobugebengu obubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane kule ndawo. Amaphoyisa kufanele aphakamise imikhono abophe abenzi bobubi,” esho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uCol Moatshe Ngoepe ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engama-34 – ongeke adalulwe igama lakhe – uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yase-Dzanani. Akanikwanga ibheyili kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo mhla zi-7 kuMbasa.