Kushone ingqwele ye-kwaito

Farida Joyce

Iqembu le-Kwaito i-Alaska lilahlekelwe elinye lelungu ngeSinto ngemuva kokudlula emhlabeni kukaCrazy Thibos, ogama lakhe langempela uThabo Tsotetsi.

Lezi zindaba zihlangabezene nokwethuka kuyo yonke imboni, njengoba ngesikhathi eshona uThibos ubelungiselela uchungechunge lwemidlalo  ngoMfumfu futhi eqhuba nelinye ibhizinisi lakhe  lokucwala izinwele.

Imbangela yokushona kwakhe ibingakaqinisekiswa, kodwa kuthiwa ushone ngeSonto ekuseni esibhedlela iBheki Mlangeni eJabulani, e-Soweto.

U-Oscar “Oskido” Mdlongwa ongumnikazi wenkampani eyaqopha umlando i-Kalawa Jazmee futhi okunguyena owavumbulula i-Alaska ubhalele uThibos umyalezo ku-Instagram. Eceleni kwesithombe somculi bekunomyalezo othi (“Rest in power my king”), phecelezi othi lala uphumule qhawe lami.

UThabo Tsotetsi wajoyinwa uLucky Mlakana, u-Andrew Moloisane, uSiphiwe Picat, kanye noLes Ma-Ada ukwenza iqembu lokuqala le-Alaska quintet okubenza babe omakadebebona emculweni we-Kwaito kule minyaka engamashumi amabili edlule.

Manje sekunamalungu amathathu kuphela asele njengoba uMaAda umculi ohamba phambili eqenjeni ashona ngoLwezi ngo-2013.

Kodwa umculo wabo usathandwa nakulonyaka njengoba benezingoma ezishisa izikhotha ezihlanganisa i-Accuse” kanye no-“Woshi” ezisadlalwa ezinkundleni zomculo.

Imiyalezo yenduduzo emndenini nakubangani kaThibos igcwele ezinkundleni zokuxhumana.

“I-EFF idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani besihlabani somculo we-kwaito uThabo “Crazy Thibos” Tsotetsi. Ithalente abelane ngalo nelakuleli lizohlala liqhakazile,” sifundeka kanjalo isitatimende ekhasini leqembu le-Twitter.

Izihloko zakamuva